Kepha kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Kepha ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabaktani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” Abanye kwababemi khona bekuzwa bathi: “Lo ubiza u-Eliya.” Masinyane omunye kubo wagijima, wathatha ilula, waligcwalisa ngoviniga, walihloma emhlangeni, wamphusiza. Kepha abanye bathi: “Yeka, sibone uma u-Eliya eza ukumsindisa.” UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa.
Funda NgokukaMathewu 27
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 27:45-50
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo