NgokukaMathewu 27:11-14

NgokukaMathewu 27:11-14 ZUL20

Ngaleso sikhathi uJesu wayemi phambi kombusi, umbusi wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?” UJesu wathi kuye: “Usho khona.” Nakuba abaphristi abakhulu namalunga bemethwesa icala, kodwa Yena akaphendulanga. Kepha uPilatu wathi kuye: “Awukuzwa yini ukuthi kungakanani abakufakaza ngawe na?” Kepha uJesu akazange amphendule nangelilodwa izwi, umbusi wamangala kakhulu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 27:11-14