“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba ninikela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, kodwa nikushaye indiva okudingwa ngumthetho: ubulungiswa, isihawu, nokukholwa! Benifanele ukwenza lokho, kodwa ningakuyeki nalokhu komthetho. Baholi abayizimpumputhe, nikhetha impukane kwenikuphuzayo, kodwa ningwinye ikameli.
“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nihlanza ingaphandle lenkezo nesitsha, kodwa ngaphakathi kugcwele impango nobugovu. MFarisi oyimpumputhe, hlanza kuqala ingaphakathi lenkezo, ukuze kuhlanzeke nengaphandle layo.
“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nifana namathuna acakiweyo, abonakala emahle ngaphandle kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke! Kanjalo nani; ingaphandle lenu libonakala kubantu lilungile, kanti ingaphakathi lenu ligcwele ukuzenzisa nobubi.
“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nakha amaliba abaphrofethi, nihlobise amathuna abalungileyo! Nithi: ‘Ukuba sasikhona emihleni yobaba, sasingayukuhlanganyela nabo ekuchitheni igazi labaphrofethi.’ Ngakho-ke nizifakazela nina ukuthi ningamadodana alabo ababulala abaphrofethi. Salani senikufeza lokhu okwaqalwa ngoyihlomkhulu.
“Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakukubalekela kanjani ukulahlwa esihogweni na? Ngalokho-ke bhekani, ngithumela kini abaphrofethi, abahlakaniphileyo nezazimthetho. Abanye niyakubabulala, abanye nibabethele, abanye nibashaye emasinagogeni enu, nibaxoshe imizi ngemizi. Liyakubizwa kini lonke igazi labalungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo, kuze kube kwelikaZakhariya indodana kaBharakiya, enambulala phakathi kwethempeli ne-althare. Ngiqinisile ngithi kini: konke lokhu kuyakwehlela phezu kwalesi sizukulwane.
“Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaphrofethi, ubakhande ngamatshe labo abathunyelwe kuwe, kukaningi kangakanani ngilangazelela ukuqoqa abantwana bakho, ngibakhusele phansi kwamaphiko njengesikhukhukazi sikhusele amachwane aso phansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga. Bhekani nje, indlu yenu enisele nayo, isisele dengwane. Ngokuba ngithi kini: anisayukubuye ningibone, nize nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’ ”