NgokukaMathewu 23

23
UJesu Uxwayisa Ngezazimthetho NabaFarisi
(Mak. 12:37; Luk. 11:37; 20:45)
1UJesu wakhuluma ezixukwini nakubafundi bakhe, 2wathi: “Izazimthetho nabaFarisi bahleli esihlalweni sikaMose. 3 Ngakho-ke konke abanitshela khona kwenzeni, nikugcine, kodwa ningakwenzi abakwenzayo. Ngokuba bayakhuluma, kodwa bangakwenzi abakushoyo. 4 Babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu, kodwa bona abafuni ngisho ukuyithinta ngomunwe wabo.
5 “Yonke imisebenzi yabo bayenza ukuba babukwe ngabantu. Amabhande abo abawabopha ebunzini uma bekhuleka bawenza abe banzi, benze izinsephe ezinkulu. 6 Bathanda ukuhlala ezindaweni eziqavile emadilini, nasezihlalweni eziphambili emasinagogeni, 7nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi: ‘Rabi.’
8 “Kepha-ke nina maningabizwa ngokuthi: ‘Rabi,’ ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalwane. 9Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi: ‘Baba,’ ngokuba munye uyihlo, osezulwini. 10Futhi ningabizwa ngokuthi ningabaholi, ngokuba munye umholi wenu, nguKhristu. 11 Omkhulu kini makabe yisikhonzi senu. 12 Kepha yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthotshiswa, nalowo ozithobayo uzakuphakanyiswa.
UJesu Usola Izazimthetho NabaFarisi
13 “Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Nani aningeni, kodwa abangenayo anibavumeli ukuba bangene. 14Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nenze imikhuleko emide nizenzisa! Ngakho-ke niyakwemukeliswa ukulahlwa okukhulu.
15“Maye, kinina zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba niwela ulwandle, nidabule amazwe ukuba nithole abe munye ophendukela enkolweni yenu, athi esephendukile, nimenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani!
16 “Maye, kini baholi abayizimpumputhe, enithi: ‘Umuntu ofunga ithempeli akusho lutho lokho, kodwa lowo ofunga igolide lasethempelini uzibophile!’ 17Ziwula, zimpumputhe, kanti yikuphi okukhulu phakathi kwegolide nethempeli elingcwelisa igolide na? 18Nibuye nithi: ‘Yilowo ofunga i-althare akulutho lokho, kodwa ofunga umnikelo ophezu kwalo uzibophile.’
19 “Zimpumputhe, yikuphi okukhulu phakathi komnikelo ne-althare elingcwelisa umnikelo na? 20Ngakho-ke ofunga i-althare, ufunga lona nakho konke okuphezu kwalo. 21 Ofunga ithempeli, ufunga lona nohleli kulo. 22 Nofunga izulu ufunga isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, nohlezi phezu kwaso.
23 “Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba ninikela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, kodwa nikushaye indiva okudingwa ngumthetho: ubulungiswa, isihawu, nokukholwa! Benifanele ukwenza lokho, kodwa ningakuyeki nalokhu komthetho. 24 Baholi abayizimpumputhe, nikhetha impukane kwenikuphuzayo, kodwa ningwinye ikameli.
25 “Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nihlanza ingaphandle lenkezo nesitsha, kodwa ngaphakathi kugcwele impango nobugovu. 26MFarisi oyimpumputhe, hlanza kuqala ingaphakathi lenkezo, ukuze kuhlanzeke nengaphandle layo.
27 “Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nifana namathuna acakiweyo, abonakala emahle ngaphandle kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke! 28Kanjalo nani; ingaphandle lenu libonakala kubantu lilungile, kanti ingaphakathi lenu ligcwele ukuzenzisa nobubi.
29 “Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nakha amaliba abaphrofethi, nihlobise amathuna abalungileyo! 30Nithi: ‘Ukuba sasikhona emihleni yobaba, sasingayukuhlanganyela nabo ekuchitheni igazi labaphrofethi.’ 31Ngakho-ke nizifakazela nina ukuthi ningamadodana alabo ababulala abaphrofethi. 32Salani senikufeza lokhu okwaqalwa ngoyihlomkhulu.
33 “Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakukubalekela kanjani ukulahlwa esihogweni na? 34 Ngalokho-ke bhekani, ngithumela kini abaphrofethi, abahlakaniphileyo nezazimthetho. Abanye niyakubabulala, abanye nibabethele, abanye nibashaye emasinagogeni enu, nibaxoshe imizi ngemizi. 35 Liyakubizwa kini lonke igazi labalungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo, kuze kube kwelikaZakhariya indodana kaBharakiya, enambulala phakathi kwethempeli ne-althare. 36Ngiqinisile ngithi kini: konke lokhu kuyakwehlela phezu kwalesi sizukulwane.
UJesu Ukhalela IJerusalema
37 “Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaphrofethi, ubakhande ngamatshe labo abathunyelwe kuwe, kukaningi kangakanani ngilangazelela ukuqoqa abantwana bakho, ngibakhusele phansi kwamaphiko njengesikhukhukazi sikhusele amachwane aso phansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga. 38 Bhekani nje, indlu yenu enisele nayo, isisele dengwane. 39 Ngokuba ngithi kini: anisayukubuye ningibone, nize nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaMathewu 23: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo