NgokukaMathewu 23:1-12

NgokukaMathewu 23:1-12 ZUL20

UJesu wakhuluma ezixukwini nakubafundi bakhe, wathi: “Izazimthetho nabaFarisi bahleli esihlalweni sikaMose. Ngakho-ke konke abanitshela khona kwenzeni, nikugcine, kodwa ningakwenzi abakwenzayo. Ngokuba bayakhuluma, kodwa bangakwenzi abakushoyo. Babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu, kodwa bona abafuni ngisho ukuyithinta ngomunwe wabo. “Yonke imisebenzi yabo bayenza ukuba babukwe ngabantu. Amabhande abo abawabopha ebunzini uma bekhuleka bawenza abe banzi, benze izinsephe ezinkulu. Bathanda ukuhlala ezindaweni eziqavile emadilini, nasezihlalweni eziphambili emasinagogeni, nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi: ‘Rabi.’ “Kepha-ke nina maningabizwa ngokuthi: ‘Rabi,’ ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalwane. Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi: ‘Baba,’ ngokuba munye uyihlo, osezulwini. Futhi ningabizwa ngokuthi ningabaholi, ngokuba munye umholi wenu, nguKhristu. Omkhulu kini makabe yisikhonzi senu. Kepha yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthotshiswa, nalowo ozithobayo uzakuphakanyiswa.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 23:1-12