Mathewu 23:1-12

Mathewu 23:1-12 CZB24

Khona uJesu wakhuluma ezixukwini nakubafundi bakhe. Esithi: Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMozisi; Ngakho-ke konke abalitshela khona, kugcineni, likwenze; kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo, ngokuba bayakhuluma, bangenzi. Ngokuba babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu; kodwa bona ngokwabo abafuni ukuwanyakazisa nangomunwe wawo. Kodwa yonke imisebenzi yabo bayenza ukuze babonwe ngabantu; bawenza abe banzi amafilakteriyu abo, bandise imiphetho yezingubo zabo; bathanda izihlalo eziphambili ekudleni, lezihlalo eziphambili emasinagogeni; nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi Rabi, Rabi. Kepha nina maningabizwa ngokuthi Rabi, ngokuba munye uMfundisi wenu, uKristu; lani lonke lingabazalwane. Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo, ngokuba munye uYihlo osezulwini. Futhi ningabizwa ngokuthi abefundisi, ngokuba munye uMfundisi wenu, uKristu. Kodwa omkhulu phakathi kwenu kabe yinceku yenu. Nalowo oziphakamisayo uyathotshiswa; lalowo ozithobayo uzaphakanyiswa.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 23:1-12

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo