UJesu wangena ethempelini, waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbukuqela amatafula abashintshisa ngemali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba. Wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka,’ kepha nina niyenza umhume wabaphangi.”
Kwase kufika kuye izimpumputhe, nezinyonga esesethempelini, waziphulukisa. Kepha abaphristi abakhulu nezazimthetho, sebezibonile izimangaliso ayezenza, nabantwana bememeza ethempelini, bethi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide,” bacasuka, bathi kuye: “Uyakuzwa yini lokhu abakushoyo laba na?”
UJesu wathi kubo: “Yebo, anifundanga yini ukuthi: ‘Emlonyeni wezingane nowabancelayo, uzilungisele indumiso’ na?”
Wahamba, waphuma emzini, waya eBhethaniya, walala ubusuku lapho.
Kepha ekuseni, ekhuphukela emzini, walamba. Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, waya kuwo, kodwa akatholanga lutho kuwo, ngaphandle kwamaqabunga kuphela. Wayesethi kuwo: “Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade.”
Umkhiwane wabuna ngaso leso sikhathi. Bekubona lokho abafundi bamangala, bathi: “Umkhiwane ubune kanjani masinyane kanje na?”
UJesu wabaphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma nikholwa ningangabazi, aniyukwenza kuphela lokhu okwenzeke emkhiwaneni, kodwa noma nithi kule ntaba: ‘Zimbuka, uphonseke olwandle,’ lokho kuyakwenzeka. Konke eniyakukucela emkhulekweni, nikholwa, niyakukwamukeliswa.”