NgokukaMathewu 21:12-22
NgokukaMathewu 21:12-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu wangena ethempelini, waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbukuqela amatafula abashintshisa ngemali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba. Wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka,’ kepha nina niyenza umhume wabaphangi.” Kwase kufika kuye izimpumputhe, nezinyonga esesethempelini, waziphulukisa. Kepha abaphristi abakhulu nezazimthetho, sebezibonile izimangaliso ayezenza, nabantwana bememeza ethempelini, bethi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide,” bacasuka, bathi kuye: “Uyakuzwa yini lokhu abakushoyo laba na?” UJesu wathi kubo: “Yebo, anifundanga yini ukuthi: ‘Emlonyeni wezingane nowabancelayo, uzilungisele indumiso’ na?” Wahamba, waphuma emzini, waya eBhethaniya, walala ubusuku lapho. Kepha ekuseni, ekhuphukela emzini, walamba. Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, waya kuwo, kodwa akatholanga lutho kuwo, ngaphandle kwamaqabunga kuphela. Wayesethi kuwo: “Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade.” Umkhiwane wabuna ngaso leso sikhathi. Bekubona lokho abafundi bamangala, bathi: “Umkhiwane ubune kanjani masinyane kanje na?” UJesu wabaphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma nikholwa ningangabazi, aniyukwenza kuphela lokhu okwenzeke emkhiwaneni, kodwa noma nithi kule ntaba: ‘Zimbuka, uphonseke olwandle,’ lokho kuyakwenzeka. Konke eniyakukucela emkhulekweni, nikholwa, niyakukwamukeliswa.”
NgokukaMathewu 21:12-22 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
UJesu wangena ethempelini likaNkulunkulu, waxosha bonke ababethengisa nababethenga ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshela imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba. Wasesithi kubo: Kulotshiwe ukuthi: Indlu yami izabizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka; kepha nina niyenze umhume wabaphangi. Kwase kufika kuye izimpumputhe nezinyonga ethempelini; wasebasilisa. Kwathi abapristi abakhulu nababhali bebona izimangaliso azenzayo, nabantwana bememeza ethempelini, bethi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! babethukuthele kakhulu, Bathi kuye: “Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na? UJesu wathi kubo: Yebo; anikaze nifunde ukuthi: Emlonyeni wezingane nabasancela uphelelisile ukudumisa na? Wabashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya; walala khona. Kwathi ebuyela emzini ekuseni, walamba. Wabona umkhiwane ngasendleleni, waya kuwo, akafumananga lutho kuwo, amaqabunga kuphela; Umkhiwane wabuna masinyane. Sebekubona lokho abafundi bakhe bamangala, bathi: “Umkhiwane ubune masinyane kangakanani na? UJesu waphendula wathi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Uba lilokholo, lingathandabuzi, kaliyikwenza lokhu emkhiwaneni kuphela, kodwa loba lisithi kulentaba: Suka; uphonseke elwandle; kuyakwenziwa. Nakho konke eniyakukucela ngokukhuleka nikholwa, niyakwamukeliswa.
NgokukaMathewu 21:12-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJesu wayesengena ethempelini, waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba. Wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka,’ kepha nina niyenza ‘umhume wabaphangi.’ ” Kwase kufika kuye izimpumputhe nezinyonga ethempelini, waziphulukisa. Kepha abapristi abakhulu nababhali, bebona izimangaliso azenzayo nabantwana bememeza ethempelini, bethi: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide,” bacasuka, bathi kuye: “Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na?” UJesu wathi kubo: “Yebo, anizange nifunde yini ukuthi: ‘Emlonyeni wezingane nowabancelayo uzilungisele indumiso,’ na?” Wayesebashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya, walala khona. Kepha ekuseni esebuyela emzini walamba. Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, weza kuwo; akafumananga lutho kuwo, amaqabunga odwa. Wayesethi kuwo: “Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade.” Umkhiwane wabuna khona lapho. Bekubona lokho abafundi bamangala bathi: “Umkhiwane ubune kanjani masinyane na?” UJesu wayesephendula, ethi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa, ningangabazi, aniyikwenza okomkhiwane kuphela, kodwa noma nithi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ kuyakwenzeka; nakho konke eningakucela ngokukhuleka nikholwa niyakukwamukeliswa.”
NgokukaMathewu 21:12-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)