NgokukaMathewu 15:1-39

NgokukaMathewu 15:1-39 ZUL20

AbaFarisi nezazimthetho beza kuJesu bevela eJerusalema, bathi: “Kwenziwa yini ukuba abafundi bakho beqe isiko labadala na? Ngokuba abazihlambi izandla uma bedla isinkwa.” Kepha uJesu waphendula wathi kubo: “Nani, yini ukuba neqe umyalo kaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu na? Ngokuba uNkulunkulu wathi: ‘Hlonipha uyihlo nonyoko,’ wathi futhi: ‘Othuka uyise nonina makafe nokufa.’ Kepha nina nithi: ‘Lowo othi kuyise noma kunina: Lokho ebengizokusiza ngakho sengikwehlukanisile kwaba ngumnikelo kuNkulunkulu,’ akusadingeki ukuba ahloniphe uyise; kanjalo-ke nilenza libe yize izwi likaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu. Bazenzisi, u-Izaya waphrofetha kahle ngani, lapho ethi: “ ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami; kodwa bangikhonza ngeze, befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’ ” Wayesebiza isixuku, wathi kuso: “Yizwani, niqonde. Akusikho okungena emlonyeni okumngcolisayo umuntu, kodwa yilokho okuphuma emlonyeni okumngcolisayo umuntu.” Kwase kusondela abafundi bakhe, bathi kuye: “Uyazi yini ukuthi abaFarisi bathe bangalizwa lelo lizwi, bakhubeka na?” Kepha waphendula wathi: “Yileso naleso sithombo esingatshalwanga nguBaba wasezulwini, siyakusishulwa. Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe. Kepha uma impumputhe ihola enye impumputhe, zombili ziyakukhalakathela emgodini.” UPhethro waphendula wathi kuye: “Sichazele lo mzekeliso.” Wayesethi: “Kanti nani anikabi nakuqonda na? Aniqondi yini ukuthi konke okungena emlonyeni kuya esiswini, kuze kulahlelwe ngaphandle na? Kepha okuphuma emlonyeni kuvela enhliziyweni; lokho-ke kuyamngcolisa umuntu. Ngokuba enhliziyweni kuvela imidlinzo emibi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, nokuhlambalaza. Yilezo zinto ezimngcolisayo umuntu, kodwa ukudla ngezandla ezingahlanjiwe akumngcolisi umuntu.” UJesu esephumile lapho, wahamba, waya ezifundeni eThire naseSidoni. Kwase kufika owesifazane waseKhanani evela emingceleni yakhona, wakhala wathi: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide! Indodakazi yami ihlaselwe kabi yidimoni.” Kepha akamphendulanga ngazwi. Kwase kusondela kuye abafundi bakhe, bamncenga bathi: “Mmukise, ngokuba uyakhala emva kwethu.” Kepha uJesu waphendula wathi: “Angithunyelwanga kwabanye, kodwa kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwa-Israyeli.” Owesifazane weza, wakhuleka kuye, wathi: “Nkosi ngisize.” UJesu waphendula wathi: “Akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjeni.” Owesifazane wathi: “Yebo, Nkosi, kepha nezinjana zidla imvuthuluka ewa etafuleni labaninizo.” Khona uJesu waphendula, wathi kuye: “Awu mame, kukhulu ukukholwa kwakho; makwenzeke kuwe njengokuthanda kwakho.” Indodakazi yakhe yasinda ngaleso sikhathi. UJesu wasuka lapho, waya ngasolwandle iGalile, wenyukela entabeni, wahlala phansi lapho. Isixuku esikhulu seza kuye silethe izinyonga, izimpumputhe, izimungulu, izilima, nabanye abaningi. Bababeka ngasezinyaweni zakhe; wabaphulukisa. Isixuku saze samangala sibona izimungulu zikhuluma, abakhubazekile besinda, izinyonga zihamba, nezimpumputhe zibona. Base bemdumisa uNkulunkulu ka-Israyeli. UJesu wababiza abafundi bakhe, wathi: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihleli nami, singenakho esingakudla. Angithandi ukubamukisa belambile, funa baphelelwe ngamandla endleleni.” Abafundi bathi kuye: “Pho singazitholaphi lapha ehlane izinkwa eziningi ezingenela isixuku esingaka na?” UJesu wathi kubo: “Ninezinkwa ezingaki na?” Bathi: “Eziyisikhombisa, nezinhlanzana ezimbalwa.” Wayala isixuku ukuba sihlale phansi, wathatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe, bona baphakela izixuku. Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, yagcwala iziqabetho eziyisikhombisa. Abadlayo kwakungamadoda ayizi-4 000, ngaphandle kwabesifazane nezingane. Esezihlakazile izixuku, wangena esikebheni, waya eMagadana.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 15:1-39