Wakhuluma kubo okuningi ngemizekeliso, wathi: “Kwake kwaphuma umhlwanyeli wayohlwanyela. Ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni, kwafika izinyoni zezulu zayidla, zayiqeda. Enye imbewu yawela edwaleni, lapho kwakungenamhlabathi omningi khona. Yamila masinyane, ngokuba yayingekho emhlabathini ojulileyo. Kepha kwathi lapho seliphumile ilanga, yabuna, ngokuba ingenazimpande ezigxilileyo. Enye yawela emeveni, ameva akhula, ayiminyanisa. Enye yawela emhlabathini ovundileyo; yathela izithelo, ngekhulu, ngama-60 nangama-30.
Funda NgokukaMathewu 13
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 13:3-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo