Abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Ukhulumelani kubo ngemizekeliso na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Yingokuba nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kodwa bona kabakuphiwanga lokho. Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, kuthi xaxa, kodwa lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho. Yingakho-ke ngikhuluma kubo ngemizekeliso, ukuze bathi bebona, kodwa bangabonisisi; bathi bezwa, kepha bangezwisisi futhi bangaqondi. Kugcwaliseka kubo isiphrofetho sika-Isaya esithi: “ ‘Niyakuzwa nokuzwa, kepha ningaqondi; niyakubona nokubona, kepha ningabonisisi; ngokuba inhliziyo yalesi sizwe seyaba lukhuni; bezwa kanzima ngezindlebe, namehlo abo bawacimezile; funa babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphilise.’
Funda NgokukaMathewu 13
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 13:10-15
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo