NgokukaMathewu 12:38-50

NgokukaMathewu 12:38-50 ZUL20

Kwase kuphendula abathile kuzazimthetho nakubaFarisi, bathi: “Mfundisi, sithanda ukuba usikhombise isibonakaliso esenziwa nguwe.” Kepha waphendula, wathi kubo: “Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kodwa asiyukunikwa sibonakaliso, kuphela leso sikaJona, umphrofethi. Njengalokhu uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba semathunjini omhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu. Amadoda aseNineve ayakuma kanye nalesi sizukulwane ekwahlulelweni, asilahle ngecala, ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona. Lapha kukhona okukhulu kunoJona. Indlovukazi yaseningizimu nayo iyakuma nalesi sizukulwane ekwahlulelweni, isilahle ngecala. Ngokuba yasuka emikhawulweni yomhlaba izolalela ukuhlakanipha kukaSolomoni. Lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni. “Uma umoya ongcolileyo uphuma kumuntu, uyazula, udabule ezindaweni ezigagadekileyo, ufuna ukuphumula; kodwa ungakufumani. Bese uthi: ‘Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo.’ Usufikile, uyifumana ingenalutho, ishaneliwe futhi ihlotshisiwe. Uyahamba-ke, ulande eminye imimoya eyisikhombisa emibi ukwedlula wona; ingene ihlale kuyo. Isiphetho salowo muntu sibe sibi kunakuqala. Kuyakuba kanjalo-ke nakulesi sizukulwane esibi.” Kwathi uJesu esakhuluma nezixuku, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye. Omunye wathi kuye: “Kukhona unyoko nabafowenu abami ngaphandle, bafuna ukukhuluma nawe.” Kepha uJesu waphendula, wathi kuye: “Ngubani umame, nabafowethu bangobani na?” Welula isandla sakhe wakhomba abafundi bakhe, wathi: “Niyabona, nangu umame, nabafowethu. Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini, ungumfowethu nodadewethu nomame.”