NgokukaMathewu 12:38-50

NgokukaMathewu 12:38-50 ZUL59

Kwase kuphendula abathile kubabhali nabaFarisi, bathi: “Mfundisi, sithanda ukubona isibonakaliso esenziwa nguwe.” Kepha waphendula, wathi kubo: “Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso; kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi. Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba sebuthunjini bomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu. Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, kukhona lapha okukhulu kunoJona. Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni. “Nxa umoya ongcolileyo esephumile kumuntu, uyadabula izindawo ezingenamanzi efuna ukuphumula, angakufumani. Khona uthi: ‘Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo;’ esefikile, ayifumane ize, ishaneliwe, ihlotshisiwe. Abesehamba-ke, abuye nabanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale khona; kuthi ukugcina kwalowo muntu kuba kubi kunokuqala. Kuyakuba njalo nakulesi sizukulwane esibi.” Esashumayela ezixukwini, bheka, unina nabafowabo babemi ngaphandle befuna ukukhuluma naye. Omunye wathi kuye: “Bheka, unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukhuluma nawe.” Kepha waphendula, wathi komtshelileyo: “Ngubani umame, nabafowethu ngobani na?” Welula isandla sakhe ngakubafundi bakhe, wathi: “Bhekani nangu umame nabafowethu. Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo