NgokukaMathewu 12:38-50

NgokukaMathewu 12:38-50 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Base bephendula abanye bababhali nabaFarisi, bathi: Mfundisi, sithanda ukubona isibonakaliso esivela kuwe. Kodwa waphendula wathi kubo: Isizukulwana esibi lesiphingayo sifuna isibonakaliso; futhi kasiyikunikwa sibonakaliso, ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona umprofethi. Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu; kanjalo iNdodana yomuntu iyakuba senhliziyweni yomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu. Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle, ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoJona. Indlovukazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izokuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; futhi bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoSolomoni. Nxa umoya ongcolileyo esephumile kumuntu, uyadabula izindawo ezomileyo efuna ukuphumula, kodwa angakufumani. Khona uthi: ‘Ngiyakubuyela endlini yami engaphuma kuyo; kuthi lapho efika ayithole ingenalutho, ishaneliwe, ihlotshisiwe. Khona uyahamba uthabathe kanye nabanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale khona; Kuyakuba njalo nakulesi sizukulwane esibi. Esakhuluma nesixuku, bheka, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye. Omunye wathi kuye: “Bheka, unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukhuluma nawe. Kodwa waphendula wathi komtshelayo: Ngubani umame? futhi bangobani abafowethu? Wayeselulela isandla sakhe kubafundi bakhe, wathi: “Bhekani, uma nabafowethu! Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini nguye ongumfowethu, nodadewethu, nomame.

NgokukaMathewu 12:38-50 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwase kuphendula abathile kuzazimthetho nakubaFarisi, bathi: “Mfundisi, sithanda ukuba usikhombise isibonakaliso esenziwa nguwe.” Kepha waphendula, wathi kubo: “Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kodwa asiyukunikwa sibonakaliso, kuphela leso sikaJona, umphrofethi. Njengalokhu uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba semathunjini omhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu. Amadoda aseNineve ayakuma kanye nalesi sizukulwane ekwahlulelweni, asilahle ngecala, ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona. Lapha kukhona okukhulu kunoJona. Indlovukazi yaseningizimu nayo iyakuma nalesi sizukulwane ekwahlulelweni, isilahle ngecala. Ngokuba yasuka emikhawulweni yomhlaba izolalela ukuhlakanipha kukaSolomoni. Lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni. “Uma umoya ongcolileyo uphuma kumuntu, uyazula, udabule ezindaweni ezigagadekileyo, ufuna ukuphumula; kodwa ungakufumani. Bese uthi: ‘Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo.’ Usufikile, uyifumana ingenalutho, ishaneliwe futhi ihlotshisiwe. Uyahamba-ke, ulande eminye imimoya eyisikhombisa emibi ukwedlula wona; ingene ihlale kuyo. Isiphetho salowo muntu sibe sibi kunakuqala. Kuyakuba kanjalo-ke nakulesi sizukulwane esibi.” Kwathi uJesu esakhuluma nezixuku, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye. Omunye wathi kuye: “Kukhona unyoko nabafowenu abami ngaphandle, bafuna ukukhuluma nawe.” Kepha uJesu waphendula, wathi kuye: “Ngubani umame, nabafowethu bangobani na?” Welula isandla sakhe wakhomba abafundi bakhe, wathi: “Niyabona, nangu umame, nabafowethu. Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini, ungumfowethu nodadewethu nomame.”

NgokukaMathewu 12:38-50 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwase kuphendula abathile kubabhali nabaFarisi, bathi: “Mfundisi, sithanda ukubona isibonakaliso esenziwa nguwe.” Kepha waphendula, wathi kubo: “Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso; kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi. Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba sebuthunjini bomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu. Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, kukhona lapha okukhulu kunoJona. Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni. “Nxa umoya ongcolileyo esephumile kumuntu, uyadabula izindawo ezingenamanzi efuna ukuphumula, angakufumani. Khona uthi: ‘Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo;’ esefikile, ayifumane ize, ishaneliwe, ihlotshisiwe. Abesehamba-ke, abuye nabanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale khona; kuthi ukugcina kwalowo muntu kuba kubi kunokuqala. Kuyakuba njalo nakulesi sizukulwane esibi.” Esashumayela ezixukwini, bheka, unina nabafowabo babemi ngaphandle befuna ukukhuluma naye. Omunye wathi kuye: “Bheka, unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukhuluma nawe.” Kepha waphendula, wathi komtshelileyo: “Ngubani umame, nabafowethu ngobani na?” Welula isandla sakhe ngakubafundi bakhe, wathi: “Bhekani nangu umame nabafowethu. Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”

NgokukaMathewu 12:38-50 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Base bephendula abanye bababhali nabaFarisi, bathi: Mfundisi, sithanda ukubona isibonakaliso esivela kuwe. Kodwa waphendula wathi kubo: Isizukulwana esibi lesiphingayo sifuna isibonakaliso; futhi kasiyikunikwa sibonakaliso, ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona umprofethi. Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu; kanjalo iNdodana yomuntu iyakuba senhliziyweni yomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu. Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle, ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoJona. Indlovukazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izokuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; futhi bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoSolomoni. Nxa umoya ongcolileyo esephumile kumuntu, uyadabula izindawo ezomileyo efuna ukuphumula, kodwa angakufumani. Khona uthi: ‘Ngiyakubuyela endlini yami engaphuma kuyo; kuthi lapho efika ayithole ingenalutho, ishaneliwe, ihlotshisiwe. Khona uyahamba uthabathe kanye nabanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale khona; Kuyakuba njalo nakulesi sizukulwane esibi. Esakhuluma nesixuku, bheka, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye. Omunye wathi kuye: “Bheka, unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukhuluma nawe. Kodwa waphendula wathi komtshelayo: Ngubani umame? futhi bangobani abafowethu? Wayeselulela isandla sakhe kubafundi bakhe, wathi: “Bhekani, uma nabafowethu! Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini nguye ongumfowethu, nodadewethu, nomame.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo