UMalakhi 4

4
Usuku LukaSimakade
1“Phela bhekani nje, luyeza usuku, luvutha njengeziko. Bonke abazigqajayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi. Lolo lusuku oluzayo luyakubashisa, aluyukubashiyela mpande nagatsha,” kusho uSimakade Wamabandla.
2“Kodwa kini enilesabayo iGama lami, kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo. Niyakuphuma, nitshakadule njengamathole esibayeni. 3Niyakugxoba abangalungile, ngokuba bayakuba wuthuli phansi kwezinyawo zenu ngosuku engiyakukwenza ngalo,” kusho uSimakade Wamabandla.
4“Khumbulani umthetho kaMose inceku yami engamyala ngawo eHorebhe mayelana no-Israyeli wonkana, oyizimiso nezehlulelo.”
Ukubuya Komphrofethi U-Eliya
5“Niyabona-ke, ngiyakunithumelela u-Eliya umphrofethi, lungakafiki usuku lukaSimakade olukhulu nolwesabekayo. 6Uyophendula izinhliziyo zoyise kubantwana nezinhliziyo zabantwana koyise; funa ngifike ngishaye izwe ngiliqothule.”

Okuqokiwe okwamanje:

UMalakhi 4: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume