UMalakhi 3

3
Isithunywa SikaSimakade
1“Niyabona-ke, sengizakuthumela isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ethempelini layo ngokuphazima kweso; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bhekani, siyeza,” kusho uSimakade Wamabandla.
2“Ngubani ongamela usuku lokufika kwaso na? Ngubani oyakuma lapho sibonakala na? Ngokuba sinjengomlilo womcwengi nanjengensipho yomhlanzi. 3Siyakuhlala sicwengisise, sihlanze isiliva. Siyakuhlanza abaLevi sibacwenge njengegolide nesiliva, ukuze banikele iminikelo kuSimakade ngokulunga. 4Iyakumthokozisa uSimakade iminikelo yakwaJuda neyaseJerusalema njengasezinsukwini zasemandulo naseminyakeni esiyadlula.
5“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.
Ukulethwa Kokweshumi Neminikelo
6“Ngokuba Mina Simakade angiguquki, nani madodana kaJakobe anikapheli nya. 7Kusukela ezinsukwini zokhokho benu niphambukile ezimisweni zami, nangazigcina. Buyelani kimi, nami ngizobuyela kini,” kusho uSimakade Wamabandla.
Kodwa niyabuza nithi: “Sizobuyela kanjani na?”
8“Umuntu angamqola yini uNkulunkulu na? Nokho niyangiqola.
“Bese nibuza nithi: ‘Sikuqole kanjani na?’
“Ngokweshumi nangeminikelo. 9Niqalekisiwe ngesiqalekiso, niyangiqola sizwe ngothi lwenu. 10Lethani konke okweshumi endlini yengcebo, ukuze kube nokudla endlini yami, ake ningivivinye ngalokhu, ukuthi ngeke yini nginivulele amafasitela asezulwini, nginithululele isibusiso kuze kungabi bikho ndawo eyanele,” kusho uSimakade Wamabandla.
11“Ngiyakunivimbela isikhonyane ukuba singaziqothuli izitshalo zenu ezivela emhlabathini, nemivini yenu ingabi ngengatheliyo emasimini,” kusho uSimakade Wamabandla.
12“Zonke izizwe ziyakuthi kini nibusisiwe, ngokuba nina niyakuba yizwe elithokozisayo,” kusho uSimakade Wamabandla.
Umusa KaSimakade
13“Amazwi enu angigxekile,” kusho uSimakade.
“Kodwa niyabuza nithi: ‘Sikhulume sathini ngawe na?’
14“Nithe: ‘Akusizi ngalutho ukukhonza uNkulunkulu; sizuzeni ngokugcina imiyalo yakhe nokuthi sihambe silila phambi kukaSimakade Wamabandla na? 15Kodwa manje sesithi babusisiwe abaziqhenyayo, impela labo abenza okubi bayaphumelela; nalabo abalinga uNkulunkulu bayaphunyuka.’ ”
16Kuthi lapho abamesabayo uSimakade uma bekhuluma bodwa omunye nomunye; uSimakade akulalelisise, akuzwe lokho, bese kubhalwa phambi kwakhe encwadini yokukhumbula abamesabayo uSimakade, labo abalihloniphayo iGama lakhe.
17USimakade Wamabandla uthi: “Bayakuba ngabami, ngosuku engiyakwenza ngalo ifa lami, ngiyakubazwela, njengomuntu ezwela indodana yakhe emsebenzelayo. 18Niyakubuye futhi nehlukanise kahle phakathi kolungileyo nongalungile, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongamkhonzi.”

Okuqokiwe okwamanje:

UMalakhi 3: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume