NgokukaLuka 9:10-17

NgokukaLuka 9:10-17 ZUL20

Sebebuyile abaphostoli, bamlandisa ngakho konke abakwenzileyo; wabathatha, wahamba nabo ngasese, baya emzini okuthiwa yiBhethsayida. Kepha izixuku sezazi ngalokho zamlandela; wazemukela, wakhuluma kuzo ngombuso kaNkulunkulu, wabaphulukisa abadinga ukuphiliswa. Kuthe seliyozilahla kunina, abafundi abali-12 beza kuye, bathi: “Baxoshe abantu baye emizaneni nasemakhaya azungezileyo, bangenise khona, ukuba bathole ukudla, ngokuba lapha sisendaweni eyihlane.” Wathi kubo: “Bapheni nina ukudla.” Kepha bathi: “Esinakho yizinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili kuphela, ngaphandle-ke uma singahamba siyothengela bonke laba bantu ukudla.” Lapho kwakukhona amadoda ayelinganiselwa ezi-5 000. Wathi kubafundi bakhe: “Bahlaliseni ngamaqembu angama-50.” Benza kanjalo, babahlalisa bonke. Wazithatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wazinika abafundi ukuba bazabele isixuku sabantu. Badla, basutha bonke, kwabuthwa imvuthuluka eyasala kubo, engamaqoma ali-12.