Abafundi bakhe bambuza ukuthi uchazani lo mzekeliso na. Wathi: “Nina ninikezwe ukuba nazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kodwa abanye batshelwa ngemizekeliso, ukuze kuthi bebona, kodwa bangabonisisi, bathi bezwa, kepha bangaqondi.
“Nakhu-ke okuqondwe yilo mzekeliso: imbewu iyizwi likaNkulunkulu. Abangasendleleni, yilabo abathi sebelizwile, izwi, bese kufika uSathane, alisuse enhliziyweni yabo, funa bathi bangakholwa, basindiswe. Abasedwaleni, yilabo okuthi lapho belizwa izwi, balamukele ngokuthokoza, kodwa laba kabanampande, bayakholwa isikhashana, kuthi uma kufika isikhathi sokulingwa bahlubuke. Abawele emeveni, yilabo okuthi sebelizwile izwi, bahambe, baminyaniswe yiminako, yingcebo, nenjabulo yokuphila, bangatheli izithelo eziqhamileyo. Abasemhlabathini ovundileyo, yilabo abathi uma sebelizwile izwi, balamukele, babambelele kulo ngenhliziyo eqotho nelungileyo, kuthi ngokubekezela, bathele izithelo.