NgokukaLuka 8:9-15
NgokukaLuka 8:9-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Abafundi bakhe basebembuza besithi: Ungaba uyini lumfanekiso? Wathi: “Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kepha kwabanye ngemifanekiso; ukuze bebona bangaboni, lokuzwa bangaqedisisi. Umfanekiso yilokhu: Imbewu iyizwi likaNkulunkulu. Abasendleleni yilabo abezwayo; bese kufika uSathane, alisuse izwi ezinhliziyweni zabo, funa bakholwe, basindiswe. Labasedwalani yilabo abathi, lapho belizwa, balamukele izwi ngokuthokoza; kepha laba kabanampande, abakholwa isikhashana, kuthi ngesikhathi sokulingwa bawa. Leyo eyawela emeveni yilabo abathi sebezwile, bahambe baminyaniswe yizinkathazo nengcebo nezinjabulo zalokhukuphila, bangathelisithelo. Kodwa esemhlabathini omuhle, yilabo abathi belizwile izwi, baligcine ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela.
NgokukaLuka 8:9-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Abafundi bakhe bambuza ukuthi uchazani lo mzekeliso na. Wathi: “Nina ninikezwe ukuba nazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kodwa abanye batshelwa ngemizekeliso, ukuze kuthi bebona, kodwa bangabonisisi, bathi bezwa, kepha bangaqondi. “Nakhu-ke okuqondwe yilo mzekeliso: imbewu iyizwi likaNkulunkulu. Abangasendleleni, yilabo abathi sebelizwile, izwi, bese kufika uSathane, alisuse enhliziyweni yabo, funa bathi bangakholwa, basindiswe. Abasedwaleni, yilabo okuthi lapho belizwa izwi, balamukele ngokuthokoza, kodwa laba kabanampande, bayakholwa isikhashana, kuthi uma kufika isikhathi sokulingwa bahlubuke. Abawele emeveni, yilabo okuthi sebelizwile izwi, bahambe, baminyaniswe yiminako, yingcebo, nenjabulo yokuphila, bangatheli izithelo eziqhamileyo. Abasemhlabathini ovundileyo, yilabo abathi uma sebelizwile izwi, balamukele, babambelele kulo ngenhliziyo eqotho nelungileyo, kuthi ngokubekezela, bathele izithelo.
NgokukaLuka 8:9-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Abafundi bakhe bambuza ukuthi ungaba yini lowo mfanekiso na? Wathi-ke: “Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kepha abanye bakuphiwa ngemifanekiso ukuba bebona bangaboni, bezwa bangaqondi. “Umfanekiso yilokhu-ke: imbewu iyizwi likaNkulunkulu. Abangasendleleni yilabo abathi sebezwile, bese kufika uSathane, alisuse izwi enhliziyweni yabo ukuba bangakholwa, basindiswe. Abasedwaleni yilabo abathi sebezwile, balamukele izwi ngokuthokoza; kepha laba kabanampande, bakholwa isikhashana nje, kuthi ngesikhathi sokulingwa bahlubuke. Okuwele phakathi kwameva yilabo abathi sebezwile, bahambe, baminyaniswe ngeminako nengcebo nezinjabulo zokuphila, bangatheli izithelo ezivuthiwe. Okusemhlabathini omuhle yilabo abathi belizwile izwi, balibambe ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela.
NgokukaLuka 8:9-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)