NgokukaLuka 8:40-48

NgokukaLuka 8:40-48 ZUL20

Ekubuyeni kwakhe uJesu, isixuku samemukela ngokuba sasimlindele ngabomvu. Kwase kufika indoda okuthiwa nguJayiru. Le ndoda eyayingumphathi wesinagoge, yaziphonsa phansi ngasezinyaweni zikaJesu, yamncenga ukuba angene endlini yayo, ngokuba yayinendodakazi eyodwa vo, eneminyaka eli-12, eyayigulela ukufa. UJesu esaya lapho isixuku samminyanisa. Owesifazane owayenesifo somopho iminyaka eli-12, owayesezame kwabaningi efuna ukuphulukiswa kodwa akaze akuthola. Wasondela ngasemuva, wathinta umphetho wengubo kaJesu, umopho wathi nqamu, khona manjalo. UJesu wathi: “Ngubani ongithintileyo na?” Lapho bonke bephika, uPhethro wathi: “Nkosi, izixuku zikuhaqile futhi ziyadudulana ukuba zisondele kuwe.” Kepha uJesu waqhubeka wathi: “Ukhona ongithintileyo, ngokuba ngizwile amandla ephuma kimi.” Owesifazane ebona ukuthi ngeke esazifihla, weza ethuthumela, waziphonsa phambi kukaJesu, walanda phambi kwabo bonke abantu ukuthi nguye othinte ingubo kaJesu, nokuthi uphulukiswe kanjani khona manjalo. UJesu wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile. Hamba ngokuthula.”