NgokukaLuka 8:40-48
NgokukaLuka 8:40-48 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ekubuyeni kwakhe uJesu, isixuku samemukela ngokuba sasimlindele ngabomvu. Kwase kufika indoda okuthiwa nguJayiru. Le ndoda eyayingumphathi wesinagoge, yaziphonsa phansi ngasezinyaweni zikaJesu, yamncenga ukuba angene endlini yayo, ngokuba yayinendodakazi eyodwa vo, eneminyaka eli-12, eyayigulela ukufa. UJesu esaya lapho isixuku samminyanisa. Owesifazane owayenesifo somopho iminyaka eli-12, owayesezame kwabaningi efuna ukuphulukiswa kodwa akaze akuthola. Wasondela ngasemuva, wathinta umphetho wengubo kaJesu, umopho wathi nqamu, khona manjalo. UJesu wathi: “Ngubani ongithintileyo na?” Lapho bonke bephika, uPhethro wathi: “Nkosi, izixuku zikuhaqile futhi ziyadudulana ukuba zisondele kuwe.” Kepha uJesu waqhubeka wathi: “Ukhona ongithintileyo, ngokuba ngizwile amandla ephuma kimi.” Owesifazane ebona ukuthi ngeke esazifihla, weza ethuthumela, waziphonsa phambi kukaJesu, walanda phambi kwabo bonke abantu ukuthi nguye othinte ingubo kaJesu, nokuthi uphulukiswe kanjani khona manjalo. UJesu wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile. Hamba ngokuthula.”
NgokukaLuka 8:40-48 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi ekubuyeni kukaJesu, isixuku samamukela ngokuthokoza, ngokuba bonke babemlindele. Bheka, kwafika indoda, nguJayiru igama layo, ingumphathi wesinagoge, yaziphonsa phansi ngasezinyaweni zikaJesu, yamncenga ukuba angene endlini yayo. Ngoba wayelendodakazi eyodwa, eyayileminyaka elitshumi lambili, yona isigulela ukufa. Kepha ekuhambeni kwakhe abantu bamminyezela. Owesifazana owayelomopho iminyaka elitshumi lambili, esechithe konke abephila ngakho ezinyangeni, engelakwelatshwa lamunye. Weza emva kwakhe, wathinta umphetho wengubo yakhe; kwanqamuka masinyane ukopha kwakhe. UJesu wasesithi: Ngubani ongithintileyo? Kwathi bonke bephika, uPetro lababelaye bathi: Nkosi, ixuku likucindezele, likucindezele, uthi: Ngubani ongithintileyo? UJesu wathi: “Ukhona ongithintileyo, ngokuba mina ngibonile ukuthi amandla aphumile kimi. Owesifazane ebona ukuthi akacashile, weza ethuthumela, wawa phansi phambi kwakhe, walandisa phambi kwabantu bonke ukuthi ubemthintile ngani, nokuthi usinde kanjani masinyane. Wathi kuye: “Yima isibindi, ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ngokuthula.
NgokukaLuka 8:40-48 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaLuka 8:40-48 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha ekubuyeni kwakhe uJesu isixuku samthakazela; ngokuba bonke babembhekile. Bheka, kwafika indoda, nguJayiru igama layo, ingumphathi wesinagoge,* yaziphonsa phansi ngasezinyaweni zikaJesu, yamncenga ukuba angene endlini yayo. Ngokuba yayinendodakazi eyodwa kungathi ineminyaka eyishumi nambili, yona isifa. Kepha esahamba, izixuku zamminyanisa. Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili, esekhokhele izinyanga konke abephila ngakho, engenakuphulukiswa muntu, weza ngasemuva, wathinta umphetho wengubo yakhe; kwanqamuka masinyane ukugobhoza kwegazi lakhe. UJesu wathi: “Ngubani ongithintileyo na?” Bephika bonke, wathi uPetru nababe naye: “Nkosi, izixuku ziyakuminyanisa, zikucindezele.” Kepha uJesu wathi: “Ukhona ongithintileyo, ngokuba ngizwile kuphuma amandla kimi.” Owesifazane ebona ukuthi kanakufihleka, weza ethuthumela, eziphonsa phansi phambi kwakhe, walanda phambi kwabantu bonke isisusa sokuba amthinte nokuthi usinde khona lapho. Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba, ube nokuthula.”