NgokukaLuka 8:40-42

NgokukaLuka 8:40-42 ZUL20

Ekubuyeni kwakhe uJesu, isixuku samemukela ngokuba sasimlindele ngabomvu. Kwase kufika indoda okuthiwa nguJayiru. Le ndoda eyayingumphathi wesinagoge, yaziphonsa phansi ngasezinyaweni zikaJesu, yamncenga ukuba angene endlini yayo, ngokuba yayinendodakazi eyodwa vo, eneminyaka eli-12, eyayigulela ukufa. UJesu esaya lapho isixuku samminyanisa.