NgokukaLuka 8:40-42

NgokukaLuka 8:40-42 ZUL59

Kepha ekubuyeni kwakhe uJesu isixuku samthakazela; ngokuba bonke babembhekile. Bheka, kwafika indoda, nguJayiru igama layo, ingumphathi wesinagoge,* yaziphonsa phansi ngasezinyaweni zikaJesu, yamncenga ukuba angene endlini yayo. Ngokuba yayinendodakazi eyodwa kungathi ineminyaka eyishumi nambili, yona isifa. Kepha esahamba, izixuku zamminyanisa.