NgokukaLuka 5:1-39

NgokukaLuka 5:1-39 ZUL20

Kwathi uJesu emi ngasolwandle iGenezaretha, isixuku samngunga ukuze sizwe izwi likaNkulunkulu. Wabona izikebhe ezimbili zimi ngasolwandle, abadobi babengekho kuzo, besahlanza amanetha. Wangena kwesinye sezikebhe okwakungesikaSimoni, wamcela ukuba athi ukuqhela kancane emhlabathini. UJesu wahlala phansi, wasifundisa isixuku esesikebheni. Eseqedile ukukhuluma, wathi kuSimoni: “Qhubekela ekujuleni, nehlise amanetha enu, nibambe.” USimoni waphendula, wathi: “Nkosi, sisebenze ubusuku bonke, kodwa asibambanga lutho. Kepha njengoba usho, ngizakuwehlisa amanetha.” Sebekwenzile lokho babamba izinhlanzi eziningi kakhulu, aze amanetha abo aqala ukudabuka. Baqhweba abangani babo abakwesinye isikebhe ukuba beze, babasize. Beza-ke, bagcwalisa zombili izikebhe, zaze zacishe zazika. Kuthe uSimoni Phethro ekubona lokho, waziphonsa phansi ngasemadolweni kaJesu, wathi: “Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.” Phela yena kanye nabo bonke bamangaliswa ukubona ubuningi bezinhlanzi ababezibambile, kanjalo noJakobe noJohane amadodana kaZebedewu ababesizana noSimoni. UJesu wathi kuSimoni: “Ungesabi; kusukela manje usuzakudoba abantu.” Kuthe izikebhe sebezisondeze emhlabathini, bashiya phansi konke, bamlandela uJesu. Kwathi ekomunye wemizi; kwafika indoda eyayigcwele uchoko. Kuthe imbona uJesu, yawa ngobuso, yamnxusa ithi: “Nkosi, uma uthanda ungangihlambulula.” UJesu welula isandla sakhe, wayithinta, wathi: “Ngiyathanda, hlambuluka.” Masinyane uchoko lwaphela kuyo. Wayiyala ukuba ingatsheli muntu, kepha wathi: “Hamba, uzibonakalise kumphristi, unikele umnikelo wokuhlanjululwa kwakho njengalokhu uMose wayala, kube ngubufakazi kubo.” Kepha imibiko ngaye yasabalala kakhulu. Izixuku eziningi zaba naye ukuze zilalele, futhi ziphulukiswe ezifweni zazo. Kepha uJesu wamonyuka, waya ehlane, ukuyokhuleka. Ngolunye lwalezo zinsuku uJesu efundisa, kwakuhleli lapho abaFarisi nezazimthetho ababephuma kuzo zonke izifunda eGalile, eJudiya naseJerusalema. Amandla eNkosi ayekuye ukuba aphulukise. Kwafika amadoda ethwele ngohlaka umuntu ofe uhlangothi. Ayefuna ukungena naye endlini, ambeke phambi kukaJesu. Kepha lapho engayitholi indlela yokumngenisa ngenxa yesixuku, agibela ophahleni lwendlu, aluqaqa, amehlisela phansi ngohlaka phambi kukaJesu. UJesu ekubona ukukholwa kwawo, wathi: “Mngani, uthethelelwe izono zakho.” Izazimthetho nabaFarisi baqala ukuphikisana, bethi: “Ngubani lo muntu ohlambalazayo na? Ngubani ongathethelela izono ngaphandle kukaNkulunkulu kuphela na?” Kepha uJesu eyazi imidlinzo yabo, waphendula, wathi kubo: “Nidlinzelani ezinhliziyweni zenu na? Yikuphi okulula ukukusho, ukuthi: ‘Uthethelelwe izono zakho,’ noma ngukuthi: ‘Vuka uhambe na?’ Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inegunya lokuthethelela izono emhlabeni,” wathi kofe uhlangothi: “Ngithi kuwe: vuka uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.” Wasukuma masinyane bebuka, wathatha uhlaka ayelele kulo, wahamba waya endlini yakhe, emdumisa uNkulunkulu. Bonke bathuthumela, base bemdumisa uNkulunkulu futhi begcwele ukwesaba, bathi: “Sibone izinto ezimangalisayo namuhla.” Emveni kwalokho uJesu waphuma, wabona umthelisi ogama lakhe nguLevi, ehleli endaweni okuthelwa kuyo, wathi kuye: “Ngilandele.” Wakushiya konke, wasukuma, wamlandela. ULevi wamenzela uJesu idili elikhulu endlini yakhe. Kwakukhona isixuku sabathelisi esikhulu nabanye ababehleli nabo esidlweni. AbaFarisi nezazimthetho bakhononda kubafundi bakhe, bathi: “Yini ukuba nidle niphuze nabathelisi nezoni na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Abaphilileyo abayidingi inyanga, kodwa labo abagulayo kuphela. Kangizanga ukuzobiza abalungileyo, kodwa izoni, ukuze ziphenduke.” Base bethi kuye: “Abafundi bakaJohane bazila kaningi, futhi bakhuleke, kanjalo nababaFarisi, kodwa abakho bayadla, bayaphuza.” Kepha uJesu wathi kubo: “Ikhetho ningalenza yini lizile nxa umyeni esenalo na? Kepha izinsuku ziyeza lapho umyeni eyakususwa kulo, liyakuzila-ke ngalezo zinsuku.” Wabatshela futhi nomzekeliso othi: “Akukho muntu oklebhula isichibi engutsheni entsha achibele ngaso ingubo endala. Uma enza lokho, zombili ziyakuklebhuka, isichibi esisha siklebhule ingubo endala. Akukho muntu futhi othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa iwayini elisha lidabule izimvaba, lichitheke, bese konakala nezimvaba. Kepha iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha. Akukho muntu othi esephuze iwayini elidala, abuye afune elisha, ngokuba uthi elidala limnandi.”

Ividiyo ye- NgokukaLuka 5:1-39