NgokukaLuka 5:1-11

NgokukaLuka 5:1-11 ZUL20

Kwathi uJesu emi ngasolwandle iGenezaretha, isixuku samngunga ukuze sizwe izwi likaNkulunkulu. Wabona izikebhe ezimbili zimi ngasolwandle, abadobi babengekho kuzo, besahlanza amanetha. Wangena kwesinye sezikebhe okwakungesikaSimoni, wamcela ukuba athi ukuqhela kancane emhlabathini. UJesu wahlala phansi, wasifundisa isixuku esesikebheni. Eseqedile ukukhuluma, wathi kuSimoni: “Qhubekela ekujuleni, nehlise amanetha enu, nibambe.” USimoni waphendula, wathi: “Nkosi, sisebenze ubusuku bonke, kodwa asibambanga lutho. Kepha njengoba usho, ngizakuwehlisa amanetha.” Sebekwenzile lokho babamba izinhlanzi eziningi kakhulu, aze amanetha abo aqala ukudabuka. Baqhweba abangani babo abakwesinye isikebhe ukuba beze, babasize. Beza-ke, bagcwalisa zombili izikebhe, zaze zacishe zazika. Kuthe uSimoni Phethro ekubona lokho, waziphonsa phansi ngasemadolweni kaJesu, wathi: “Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.” Phela yena kanye nabo bonke bamangaliswa ukubona ubuningi bezinhlanzi ababezibambile, kanjalo noJakobe noJohane amadodana kaZebedewu ababesizana noSimoni. UJesu wathi kuSimoni: “Ungesabi; kusukela manje usuzakudoba abantu.” Kuthe izikebhe sebezisondeze emhlabathini, bashiya phansi konke, bamlandela uJesu.