NgokukaLuka 23:44-56

NgokukaLuka 23:44-56 ZUL20

Kwathi ngehora lesithupha kwaba mnyama ezweni lonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Ilanga lafiphala, isihenqo sethempeli sadabuka phakathi. UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho, ngiyawubeka umoya wami.” Esekushilo lokho, wafa. Kwathi induna yekhulu isikubonile okwenzekileyo, yamdumisa uNkulunkulu, yathi: “Ngempela lo muntu ube ngolungileyo.” Zonke izixuku ezazibuthene lapho zibukela lesi sehlakalo, kuthe sezibonile okwenzekileyo, zabuyela emakhaya, zidangele. Bonke abazana naye, nabesifazane ababemlandela bevela eGalile, bema kude, bebuka lezi zinto. Kwakukhona indoda igama layo kunguJosefa, iyilungu lomphakathi, iqotho, futhi ilungile. Yona yayingahambisani necebo nesenzo sabo. Yayivela e-Arimatheya, umuzi wabaJuda; yayilinde ukufika kombuso kaNkulunkulu. Yaya kuPilatu yayocela isidumbu sikaJesu. Yasehlisa, yasisonga ngendwangu enhle, yasibeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, lapho kungakabekwa muntu khona. Kwakulusuku lokulungiselela, futhi sekuzoqala isabatha. Abesifazane ababehamba noJesu bevela eGalile balandela, balibona ithuna nokubekwa kwesidumbu sakhe. Base bebuyela emuva, bayolungisa amafutha namakha, kodwa ngesabatha baphumula njengokusho komthetho.