NgokukaLuka 23:44-56

NgokukaLuka 23:44-56 ZUL59

Kungaba yihora lesithupha kwase kuba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye; kwafiphala ilanga, isihenqo sethempeli sadabuka phakathi. UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.” Eseshilo lokho wafa. Induna yekhulu ibone okwenzekileyo yamdumisa uNkulunkulu, yathi: “Nempela lowo muntu ube ngolungileyo.” Zonke izixuku ezazibuthanele ukubukela lokho sezibonile okwenzekileyo, zabuyela emuva, zishaya izifuba zazo. Bonke abazana naye nabesifazane ababemlandela bevela eGalile bema kude, bebuka lezo zinto. Bheka-ke, kwakukhona indoda, igama layo nguJosefa, eyilungu lomphakathi, indoda enhle nelungileyo – yona yayingavumanga icebo nesenzo sabo – eyase-Arimatheya umuzi wabaJuda, eyayibheke umbuso kaNkulunkulu; yona yaya kuPilatu, yacela isidumbu sikaJesu. Yasehlisa, yasisonga ngendwangu enhle, yasibeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, lapho kungakabekwa muntu khona. Kwakulusuku lokulungisela; isabatha lase lizakuqala. Abesifazane abeza naye bevela eGalile balandela, balibona ithuna nokubekwa kwesidumbu sakhe. Base bebuyela emuva, balungisa amakha namafutha; kepha ngesabatha baphumula njengokomthetho.