UPilatu wabizela ndawonye abaphristi abakhulu, ababusi nabantu, wathi kubo: “Nimlethe kimi lo muntu ngoba nithi wedukisa abantu. Mina ngimgwexile ngemibuzo phambi kwenu, kodwa angitholanga cala lalezo zinto enimmangalela ngazo. Kanjalo noHerode, ngokuba umbuyisele lapha kithi. Akenzanga lutho olufanele isigwebo sokufa. Ngakho-ke ngiyakumshaya, bese ngimkhulula.” UPilatu kwakumele abakhululele isiboshwa sibe sinye ngoMkhosi wePhasika. Kepha bamemeza ngazwi linye, bathi: “Susa lo, usikhululele uBharabha.” UBharabha wayeboshwe ngenxa yokudala isiyaluyalu emzini, nangenxa yokubulala. UPilatu wakhuluma futhi kubo efuna ukumkhulula uJesu, kodwa bamemeza, bathi: “Mbethele, mbethele esiphambanweni!” Ngokwesithathu uPilatu, wathi kubo: “Kanti lo wenze bubi buni na? Angitholanga cala kuye elifanele isigwebo sokufa. Ngakho-ke ngizomshaya, bese ngimkhulula.” Kepha bamcindezela bememeza kakhulu, befuna ukuba abethelwe. Kwaphumelela ukumemeza kwabo. UPilatu wayesenquma ukuba kwenziwe lokho abakufunayo. Wamkhulula lowo owayeboshwe ngenxa yokudala isiyaluyalu nokubulala, ababemcelile, kodwa uJesu wamnikela kubo njengokuthanda kwabo.
Funda NgokukaLuka 23
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 23:13-25
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo