NgokukaLuka 23:13-25
NgokukaLuka 23:13-25 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi uPilatu esebizele ndawonye abapristi abakhulu lababusi labantu. Wathi kubo: “Nilethe kimi lo muntu njengophambukisa abantu; Qha, noHerode, ngokuba nginithumele kuye; bheka, akenzanga lutho olufanele ukufa kuye. Ngakho-ke ngiyakumshaya, ngimkhulule. (Ngokuba kufanele abakhululele oyedwa ngomkhosi.) Basebememeza kanyekanye, besithi: Susa lumuntu, usikhululele uBaraba; owaphonswa etilongweni ngenxa yesiyaluyalu esithile esasenzeka emzini, nangenxa yokubulala. Ngakho uPilatu ethanda ukumkhulula uJesu, wabuye wakhuluma kubo. Kodwa bamemeza, besithi: Mbethele, mbethele! Wasesithi kubo ngokwesithathu: Ngoba enze ububi bani? Kangitholanga kuye icala lokufa; ngakho ngizamtshaya, ngimyeke ahambe. Base beqinisa amazwi amakhulu befuna ukuba abethelwe. Futhi amazwi abo nawabapristi abakhulu aphumelela. UPilatu wanquma ukuthi kwenziwe njengokucela kwabo. Wayesebakhululela owayefakwe etilongweni ngenxa yesiyaluyalu nokubulala, ababemcelile; kodwa wamnikela uJesu entandweni yabo.
NgokukaLuka 23:13-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UPilatu wabizela ndawonye abaphristi abakhulu, ababusi nabantu, wathi kubo: “Nimlethe kimi lo muntu ngoba nithi wedukisa abantu. Mina ngimgwexile ngemibuzo phambi kwenu, kodwa angitholanga cala lalezo zinto enimmangalela ngazo. Kanjalo noHerode, ngokuba umbuyisele lapha kithi. Akenzanga lutho olufanele isigwebo sokufa. Ngakho-ke ngiyakumshaya, bese ngimkhulula.” UPilatu kwakumele abakhululele isiboshwa sibe sinye ngoMkhosi wePhasika. Kepha bamemeza ngazwi linye, bathi: “Susa lo, usikhululele uBharabha.” UBharabha wayeboshwe ngenxa yokudala isiyaluyalu emzini, nangenxa yokubulala. UPilatu wakhuluma futhi kubo efuna ukumkhulula uJesu, kodwa bamemeza, bathi: “Mbethele, mbethele esiphambanweni!” Ngokwesithathu uPilatu, wathi kubo: “Kanti lo wenze bubi buni na? Angitholanga cala kuye elifanele isigwebo sokufa. Ngakho-ke ngizomshaya, bese ngimkhulula.” Kepha bamcindezela bememeza kakhulu, befuna ukuba abethelwe. Kwaphumelela ukumemeza kwabo. UPilatu wayesenquma ukuba kwenziwe lokho abakufunayo. Wamkhulula lowo owayeboshwe ngenxa yokudala isiyaluyalu nokubulala, ababemcelile, kodwa uJesu wamnikela kubo njengokuthanda kwabo.
NgokukaLuka 23:13-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UPilatu wabizela ndawonye abapristi abakhulu nababusi nabantu, wathi kubo: “Nilethe kimi lo muntu ngokuthi ungodukisa abantu. Bhekani, mina ngimhlolile phambi kwenu, kepha angifumananga cala lalezo zinto enimmangalela ngazo; kunjalo noHerode futhi ngokuba umbuyisele kithi; bheka-ke, akenzanga lutho afanele ukufa ngalo. Ngakho-ke ngiyakumshaya, ngimkhulule.” Ubemelwe phela ukubakhululela abe munye ngomkhosi. Kepha bamemeza kanyekanye, bathi: “Susa lo, usikhululele uBaraba,” yena owayefakwe etilongweni ngenxa yesiyaluyalu esithile esasenzeka emzini, nangenxa yokubulala. UPilatu wabuye wakhuluma kubo efuna ukumkhulula uJesu; kodwa bamemeza bathi: “Mbethele, mbethele esiphambanweni!” Wayesethi kubo ngokwesithathu: “Kanti lo wenze bubi buni na? Angifumananga kuye icala lokufa; ngakho ngiyakumshaya, ngimkhulule.” Kepha bamcindezela ngokumemeza okukhulu befuna ukuba abethelwe. Ukumemeza kwabo kwanqoba. Wayesenquma uPilatu ngokuthi akwenziwe abakufunayo. Wayesemkhulula owayefakwe etilongweni ngenxa yesiyaluyalu nokubulala, ababemcela, kepha wamnikela uJesu kubo njengokuthanda kwabo.
NgokukaLuka 23:13-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)