UPilatu wabizela ndawonye abapristi abakhulu nababusi nabantu, wathi kubo: “Nilethe kimi lo muntu ngokuthi ungodukisa abantu. Bhekani, mina ngimhlolile phambi kwenu, kepha angifumananga cala lalezo zinto enimmangalela ngazo; kunjalo noHerode futhi ngokuba umbuyisele kithi; bheka-ke, akenzanga lutho afanele ukufa ngalo. Ngakho-ke ngiyakumshaya, ngimkhulule.” Ubemelwe phela ukubakhululela abe munye ngomkhosi. Kepha bamemeza kanyekanye, bathi: “Susa lo, usikhululele uBaraba,” yena owayefakwe etilongweni ngenxa yesiyaluyalu esithile esasenzeka emzini, nangenxa yokubulala. UPilatu wabuye wakhuluma kubo efuna ukumkhulula uJesu; kodwa bamemeza bathi: “Mbethele, mbethele esiphambanweni!” Wayesethi kubo ngokwesithathu: “Kanti lo wenze bubi buni na? Angifumananga kuye icala lokufa; ngakho ngiyakumshaya, ngimkhulule.” Kepha bamcindezela ngokumemeza okukhulu befuna ukuba abethelwe. Ukumemeza kwabo kwanqoba. Wayesenquma uPilatu ngokuthi akwenziwe abakufunayo. Wayesemkhulula owayefakwe etilongweni ngenxa yesiyaluyalu nokubulala, ababemcela, kepha wamnikela uJesu kubo njengokuthanda kwabo.
Funda NgokukaLuka 23
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 23:13-25
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo