NgokukaLuka 23:1-56

NgokukaLuka 23:1-56 ZUL20

Kwasuka lonke uquqaba lwamqhuba uJesu, lwamyisa kuPilatu. Baqala ukumthwesa icala, bathi: “Lo muntu simthole edukisa isizwe sakithi, esenqabela ukuba sithele intela kuKhesari, ethi nguyena onguKhristu, inkosi.” UPilatu wambuza, wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?” Wamphendula wathi: “Kusho wena.” UPilatu wayesethi kubaphristi abakhulu nasezixukwini: “Angitholi cala kulo muntu.” Kepha baqinisa kakhulu, bethi: “Ubhebhezela abantu, efundisa kulo lonke iJudiya, eqalile eGalile, waze wazofika lapha.” UPilatu esezwa lokho wabuza ukuthi lo muntu ungowaseGalile yini na? Esezwile ukuthi uvela esifundeni sikaHerode, wamdlulisela kuHerode owayeseJerusalema ngalezo zinsuku. UHerode lapho ebona uJesu, wathokoza kakhulu, ngokuba kwase kuyisikhathi eside efisa ukumbona, lokhu wayesezwile ngaye futhi enethemba lokuthi uzakubona isibonakaliso esithile senziwa nguJesu. UHerode wambuza ngokuningi, kodwa kamphendulanga ngalutho. Abaphristi abakhulu nezazimthetho babemile, belokhu bephikelele bemmangalela. Kepha uHerode namabutho akhe bamedelela, bambhinqa, baze bamembathisa ingubo ecwebezelayo, bambuyisela kuPilatu. Ngalolo lusuku uPilatu noHerode baba ngabangani, njengokuba phambilini kwakukhona ubutha phakathi kwabo. UPilatu wabizela ndawonye abaphristi abakhulu, ababusi nabantu, wathi kubo: “Nimlethe kimi lo muntu ngoba nithi wedukisa abantu. Mina ngimgwexile ngemibuzo phambi kwenu, kodwa angitholanga cala lalezo zinto enimmangalela ngazo. Kanjalo noHerode, ngokuba umbuyisele lapha kithi. Akenzanga lutho olufanele isigwebo sokufa. Ngakho-ke ngiyakumshaya, bese ngimkhulula.” UPilatu kwakumele abakhululele isiboshwa sibe sinye ngoMkhosi wePhasika. Kepha bamemeza ngazwi linye, bathi: “Susa lo, usikhululele uBharabha.” UBharabha wayeboshwe ngenxa yokudala isiyaluyalu emzini, nangenxa yokubulala. UPilatu wakhuluma futhi kubo efuna ukumkhulula uJesu, kodwa bamemeza, bathi: “Mbethele, mbethele esiphambanweni!” Ngokwesithathu uPilatu, wathi kubo: “Kanti lo wenze bubi buni na? Angitholanga cala kuye elifanele isigwebo sokufa. Ngakho-ke ngizomshaya, bese ngimkhulula.” Kepha bamcindezela bememeza kakhulu, befuna ukuba abethelwe. Kwaphumelela ukumemeza kwabo. UPilatu wayesenquma ukuba kwenziwe lokho abakufunayo. Wamkhulula lowo owayeboshwe ngenxa yokudala isiyaluyalu nokubulala, ababemcelile, kodwa uJesu wamnikela kubo njengokuthanda kwabo. Kuthe besahamba naye uJesu, babamba uSimoni othile waseKhurene, owayevela emakhaya. Bametshathisa isiphambano walandela emuva kukaJesu. Kwakulandela isixuku esikhulu, kukhona nabesifazane ababemkhalela, bekhihla isililo. Kepha uJesu waphendukela kubo, wathi: “Madodakazi aseJerusalema, ningangikhaleli Mina, kodwa zikhaleleni nina nabantwana benu. Ngokuba izinsuku ziyeza abayakuthi ngazo: ‘Zibusisiwe izinyumba nezibeletho ezingazalanga, namabele angancelisanga.’ Khona “bayakuqala bathi ezintabeni: ‘Welani phezu kwethu,’ nasemagqumeni, bathi: ‘Sisibekeleni.’ “Ngokuba uma benza lokho emthini oluhlaza, kuyakuba njani-ke kowomileyo na?” Kwakukhona nabanye, izelelesi ezimbili, ezaziqhutshwa ukuba ziyobulawa kanye naye. Kuthe sebefikile endaweni okuthiwa iKhanda, bambethela lapho uJesu nezelelesi, esinye singakwesokunene esinye singakwesokhohlo. UJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana ngezingubo zakhe, benzelana unkatho. Abantu bema, bebukela, kanti ababusi babemklolodela, bethi: “Wasindisa abanye; makazisindise Yena, uma enguKhristu, okhethiweyo kaNkulunkulu.” Namabutho ambhinqa, eza kuye, amnika isimuncwana sewayini, ethi: “Uma uyinkosi yabaJuda, zisindise.” Kwakukhona nombhalo phezu kwekhanda lakhe, othi: LO YINKOSI YABAJUDA. Esinye sezelelesi esasiphanyekiwe, samhlambalaza sathi: “Wena awusiye yini uKhristu na? Zisindise kanye nathi.” Kepha esinye saphendula, sasithethisa sathi: “Kanti awumesabi yini uNkulunkulu, ingani nawe uthole isigwebo esifanayo na? Thina kusifanele, ngokuba sijeziselwa izenzo zethu, kepha lo akenzanga lutho olubi.” Sase sithi: “Jesu, uze ungikhumbule uma usufike embusweni wakho.” Wathi kuso: “Ngiqinisile ngithi kuwe: namuhla uzakuba nami ePharadisi.” Kwathi ngehora lesithupha kwaba mnyama ezweni lonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Ilanga lafiphala, isihenqo sethempeli sadabuka phakathi. UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho, ngiyawubeka umoya wami.” Esekushilo lokho, wafa. Kwathi induna yekhulu isikubonile okwenzekileyo, yamdumisa uNkulunkulu, yathi: “Ngempela lo muntu ube ngolungileyo.” Zonke izixuku ezazibuthene lapho zibukela lesi sehlakalo, kuthe sezibonile okwenzekileyo, zabuyela emakhaya, zidangele. Bonke abazana naye, nabesifazane ababemlandela bevela eGalile, bema kude, bebuka lezi zinto. Kwakukhona indoda igama layo kunguJosefa, iyilungu lomphakathi, iqotho, futhi ilungile. Yona yayingahambisani necebo nesenzo sabo. Yayivela e-Arimatheya, umuzi wabaJuda; yayilinde ukufika kombuso kaNkulunkulu. Yaya kuPilatu yayocela isidumbu sikaJesu. Yasehlisa, yasisonga ngendwangu enhle, yasibeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, lapho kungakabekwa muntu khona. Kwakulusuku lokulungiselela, futhi sekuzoqala isabatha. Abesifazane ababehamba noJesu bevela eGalile balandela, balibona ithuna nokubekwa kwesidumbu sakhe. Base bebuyela emuva, bayolungisa amafutha namakha, kodwa ngesabatha baphumula njengokusho komthetho.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo