NgokukaLuka 23:1-56

NgokukaLuka 23:1-56 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwasuka lonke uquqaba lwamqhuba uJesu, lwamyisa kuPilatu. Baqala ukumthwesa icala, bathi: “Lo muntu simthole edukisa isizwe sakithi, esenqabela ukuba sithele intela kuKhesari, ethi nguyena onguKhristu, inkosi.” UPilatu wambuza, wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?” Wamphendula wathi: “Kusho wena.” UPilatu wayesethi kubaphristi abakhulu nasezixukwini: “Angitholi cala kulo muntu.” Kepha baqinisa kakhulu, bethi: “Ubhebhezela abantu, efundisa kulo lonke iJudiya, eqalile eGalile, waze wazofika lapha.” UPilatu esezwa lokho wabuza ukuthi lo muntu ungowaseGalile yini na? Esezwile ukuthi uvela esifundeni sikaHerode, wamdlulisela kuHerode owayeseJerusalema ngalezo zinsuku. UHerode lapho ebona uJesu, wathokoza kakhulu, ngokuba kwase kuyisikhathi eside efisa ukumbona, lokhu wayesezwile ngaye futhi enethemba lokuthi uzakubona isibonakaliso esithile senziwa nguJesu. UHerode wambuza ngokuningi, kodwa kamphendulanga ngalutho. Abaphristi abakhulu nezazimthetho babemile, belokhu bephikelele bemmangalela. Kepha uHerode namabutho akhe bamedelela, bambhinqa, baze bamembathisa ingubo ecwebezelayo, bambuyisela kuPilatu. Ngalolo lusuku uPilatu noHerode baba ngabangani, njengokuba phambilini kwakukhona ubutha phakathi kwabo. UPilatu wabizela ndawonye abaphristi abakhulu, ababusi nabantu, wathi kubo: “Nimlethe kimi lo muntu ngoba nithi wedukisa abantu. Mina ngimgwexile ngemibuzo phambi kwenu, kodwa angitholanga cala lalezo zinto enimmangalela ngazo. Kanjalo noHerode, ngokuba umbuyisele lapha kithi. Akenzanga lutho olufanele isigwebo sokufa. Ngakho-ke ngiyakumshaya, bese ngimkhulula.” UPilatu kwakumele abakhululele isiboshwa sibe sinye ngoMkhosi wePhasika. Kepha bamemeza ngazwi linye, bathi: “Susa lo, usikhululele uBharabha.” UBharabha wayeboshwe ngenxa yokudala isiyaluyalu emzini, nangenxa yokubulala. UPilatu wakhuluma futhi kubo efuna ukumkhulula uJesu, kodwa bamemeza, bathi: “Mbethele, mbethele esiphambanweni!” Ngokwesithathu uPilatu, wathi kubo: “Kanti lo wenze bubi buni na? Angitholanga cala kuye elifanele isigwebo sokufa. Ngakho-ke ngizomshaya, bese ngimkhulula.” Kepha bamcindezela bememeza kakhulu, befuna ukuba abethelwe. Kwaphumelela ukumemeza kwabo. UPilatu wayesenquma ukuba kwenziwe lokho abakufunayo. Wamkhulula lowo owayeboshwe ngenxa yokudala isiyaluyalu nokubulala, ababemcelile, kodwa uJesu wamnikela kubo njengokuthanda kwabo. Kuthe besahamba naye uJesu, babamba uSimoni othile waseKhurene, owayevela emakhaya. Bametshathisa isiphambano walandela emuva kukaJesu. Kwakulandela isixuku esikhulu, kukhona nabesifazane ababemkhalela, bekhihla isililo. Kepha uJesu waphendukela kubo, wathi: “Madodakazi aseJerusalema, ningangikhaleli Mina, kodwa zikhaleleni nina nabantwana benu. Ngokuba izinsuku ziyeza abayakuthi ngazo: ‘Zibusisiwe izinyumba nezibeletho ezingazalanga, namabele angancelisanga.’ Khona “bayakuqala bathi ezintabeni: ‘Welani phezu kwethu,’ nasemagqumeni, bathi: ‘Sisibekeleni.’ “Ngokuba uma benza lokho emthini oluhlaza, kuyakuba njani-ke kowomileyo na?” Kwakukhona nabanye, izelelesi ezimbili, ezaziqhutshwa ukuba ziyobulawa kanye naye. Kuthe sebefikile endaweni okuthiwa iKhanda, bambethela lapho uJesu nezelelesi, esinye singakwesokunene esinye singakwesokhohlo. UJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana ngezingubo zakhe, benzelana unkatho. Abantu bema, bebukela, kanti ababusi babemklolodela, bethi: “Wasindisa abanye; makazisindise Yena, uma enguKhristu, okhethiweyo kaNkulunkulu.” Namabutho ambhinqa, eza kuye, amnika isimuncwana sewayini, ethi: “Uma uyinkosi yabaJuda, zisindise.” Kwakukhona nombhalo phezu kwekhanda lakhe, othi: LO YINKOSI YABAJUDA. Esinye sezelelesi esasiphanyekiwe, samhlambalaza sathi: “Wena awusiye yini uKhristu na? Zisindise kanye nathi.” Kepha esinye saphendula, sasithethisa sathi: “Kanti awumesabi yini uNkulunkulu, ingani nawe uthole isigwebo esifanayo na? Thina kusifanele, ngokuba sijeziselwa izenzo zethu, kepha lo akenzanga lutho olubi.” Sase sithi: “Jesu, uze ungikhumbule uma usufike embusweni wakho.” Wathi kuso: “Ngiqinisile ngithi kuwe: namuhla uzakuba nami ePharadisi.” Kwathi ngehora lesithupha kwaba mnyama ezweni lonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Ilanga lafiphala, isihenqo sethempeli sadabuka phakathi. UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho, ngiyawubeka umoya wami.” Esekushilo lokho, wafa. Kwathi induna yekhulu isikubonile okwenzekileyo, yamdumisa uNkulunkulu, yathi: “Ngempela lo muntu ube ngolungileyo.” Zonke izixuku ezazibuthene lapho zibukela lesi sehlakalo, kuthe sezibonile okwenzekileyo, zabuyela emakhaya, zidangele. Bonke abazana naye, nabesifazane ababemlandela bevela eGalile, bema kude, bebuka lezi zinto. Kwakukhona indoda igama layo kunguJosefa, iyilungu lomphakathi, iqotho, futhi ilungile. Yona yayingahambisani necebo nesenzo sabo. Yayivela e-Arimatheya, umuzi wabaJuda; yayilinde ukufika kombuso kaNkulunkulu. Yaya kuPilatu yayocela isidumbu sikaJesu. Yasehlisa, yasisonga ngendwangu enhle, yasibeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, lapho kungakabekwa muntu khona. Kwakulusuku lokulungiselela, futhi sekuzoqala isabatha. Abesifazane ababehamba noJesu bevela eGalile balandela, balibona ithuna nokubekwa kwesidumbu sakhe. Base bebuyela emuva, bayolungisa amafutha namakha, kodwa ngesabatha baphumula njengokusho komthetho.

NgokukaLuka 23:1-56 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwase kusuka isixuku sabo sonke, samyisa kuPilatu. Base beqala ukumthwesa icala, besithi: Simfumene lo edukisa isizwe, enqabela ukuthela kuKesari, esithi yena unguKristu iNkosi. UPilatu wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na? Wasephendula wathi kuye: Utsho wena. UPilatu wayesethi kubapristi abakhulu nasezixukwini: “Angitholi cala kulo muntu. Baqinisa kakhulu, bethi: “Uvusa abantu, efundisa kulo lonke iJudiya, eqala eGalile waze wafika lapha. UPilatu esezwile ngeGalile wabuza ukuthi lowomuntu ungowaseGalile yini. Kwathi esekwazi ukuthi ungowombuso kaHerodi, wamthumela kuHerodi, owayekhona laye eJerusalema ngalesosikhathi. UHerode embona uJesu wajabula kakhulu, ngokuba kwase kuyisikhathi eside efuna ukumbona, lokhu ebezwile ngaye; wayethemba ukuthi uzobona isibonakaliso senziwa nguye. Wasembuza ngamazwi amaningi; kodwa akamphendulanga lutho. Abapristi abakhulu nababhali babemi bemmangalela kakhulu. UHerodi lamabutho akhe bameyisa, bamklolodela, bamgqokisa isembatho esikhazimulayo, bambuyisela kuPilatu. Ngalolo suku oPilatu noHerode baba ngabangane, ngokuba ngaphambili babenobutha phakathi kwabo. Kwathi uPilatu esebizele ndawonye abapristi abakhulu lababusi labantu. Wathi kubo: “Nilethe kimi lo muntu njengophambukisa abantu; Qha, noHerode, ngokuba nginithumele kuye; bheka, akenzanga lutho olufanele ukufa kuye. Ngakho-ke ngiyakumshaya, ngimkhulule. (Ngokuba kufanele abakhululele oyedwa ngomkhosi.) Basebememeza kanyekanye, besithi: Susa lumuntu, usikhululele uBaraba; owaphonswa etilongweni ngenxa yesiyaluyalu esithile esasenzeka emzini, nangenxa yokubulala. Ngakho uPilatu ethanda ukumkhulula uJesu, wabuye wakhuluma kubo. Kodwa bamemeza, besithi: Mbethele, mbethele! Wasesithi kubo ngokwesithathu: Ngoba enze ububi bani? Kangitholanga kuye icala lokufa; ngakho ngizamtshaya, ngimyeke ahambe. Base beqinisa amazwi amakhulu befuna ukuba abethelwe. Futhi amazwi abo nawabapristi abakhulu aphumelela. UPilatu wanquma ukuthi kwenziwe njengokucela kwabo. Wayesebakhululela owayefakwe etilongweni ngenxa yesiyaluyalu nokubulala, ababemcelile; kodwa wamnikela uJesu entandweni yabo. Kwathi bemuka naye, babamba uSimoni waseKhurene evela endle, bambethela isiphambano, ukuba asithwale emva kukaJesu. Kwamlandela isixuku esikhulu sabantu, nabesifazane ababemkhalela, bemlilela. Kodwa uJesu ephendukela kubo wathi: Madodakazi aseJerusalema, lingangikhaleli mina, kodwa zikhaleleni lina labantwana benu. Ngokuba bhekani, ziyeza izinsuku abayakusho ngazo ukuthi: ‘Zibusisiwe izinyumba, nezizalo ezingazalanga, namabele angamunyisanga. Khona bayakuqala ukuthi ezintabeni: Welani phezu kwethu; nasezintabeni: Sisibekele. Ngokuba uma benza lokho esihlahleni esiluhlaza, kuyakwenziwani kowomileyo na? Kwakukhona-ke nezinye izelelesi ezimbili, zasiwa kanye laye ukuze zibulawe. Sebefikile endaweni ethiwa uKhalvari, bambethela khona kanye nezelelesi, esinye ngakwesokunene, nesinye ngakwesokhohlo. UJesu wayesethi: “Baba, bathethelele; ngoba kabakwazi abakwenzayo. Babelana izingubo zakhe, benza inkatho yokuphosa. Abantu bema bebukela. Nababusi bamhleka usulu, bathi: “Wasindisa abanye; akazisindise, uma enguKristu, okhethiweyo kaNkulunkulu. Namasosha amklolodela, eza kuye, amnika uviniga. besithi: Uba wena uyinkosi yabaJuda, zisindise. Kwakukhona nombhalo phezu kwakhe ngezinhlamvu zesiGreki, nesiLatini, nesiHeberu, othi: LO UYINKOSI YABAJUDA. Nesinye sezelelesi ezaziphanyekiwe samthuka, sithi: “Uma wena unguKristu, zisindise wena nathi. Kepha omunye wamkhuza, wathi: “Awumesabi uNkulunkulu, njengokuba ukulokhu kulahlwa na? Kepha thina ngokweqiniso; ngoba thina samukela umvuzo wezenzo zethu; kodwa yena lo akenzanga lutho olubi. Yathi kuJesu: “Nkosi, ngikhumbule, nxa usufike embusweni wakho. UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla uzakuba nami eParadisi. Kwathi kungaba yihora lesithupha, kwaba khona ubumnyama phezu komhlaba wonke kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Ilanga laba mnyama, iveli lethempeli ladabuka phakathi. UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.” Eseshilo lokho wafa. Induna yekhulu isibonile okwenzekileyo, yamdumisa uNkulunkulu, ithi: “Nempela lo ubengumuntu olungileyo. Isixuku sonke esasibuthene kulowo mbono, sibona okwenzekileyo, sabuyela emuva, sishaya izifuba. Bonke abazana naye, nabesifazane ababemlandela bevela eGalile, bema kude, bebuka lezo zinto. Bheka, kwakukhona indoda, igama layo linguJosefa, engumeluleki; futhi wayeyindoda elungileyo, elungile; Yena wayengavumelananga necebo nesenzo sabo; wayengowase-Arimathiya umuzi wamaJuda, naye owayelindele umbuso kaNkulunkulu. Yona yaya kuPilatu, yacela isidumbu sikaJesu. Yasehlisa, yasisonga ngelineni, yasibeka ethuneni eliqoshwe etsheni, okungakabekwa muntu kulo. Ngalolo suku kwakuwukulungiselela, nesabatha lase lisondela. Nabesifazane abeza naye bevela eGalile balandela, balibona ithuna, nokubekwa kwesidumbu sakhe. Base bebuya, balungisa amakha namafutha; waphumula ngosuku lwesabatha ngokomthetho.

NgokukaLuka 23:1-56 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwase kusuka uquqaba lonke, lwamyisa kuPilatu. Baqala ukumthwesa icala, bathi: “Simfumene lo edukisa isizwe sakithi, enqaba ukuba kuthelwe imali kuKesari, ethi nguye onguKristu inkosi.” UPilatu wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?” Wamphendula wathi: “Usho khona.” Wayesethi uPilatu kubapristi abakhulu nakuzo izixuku: “Angifumani cala kulo muntu.” Kwayikhona beqinisa kakhulu, bethi: “Uvusa abantu efundisa kulo lonke laseJudiya, eqalile kwelaseGalile, waze wafika lapha.” UPilatu esezwa lokho wabuza ukuba lowo muntu ungowaseGalile yini. Esethole ukwazi ukuthi ungowesifunda sikaHerode, wamthumela kuHerode owayekhona naye eJerusalema ngalezo zinsuku. Kwathi uHerode embona uJesu, wathokoza kakhulu, ngokuba kwase kukade efuna ukumbona, lokhu ebezwile ngaye; wayethemba ukuthi uzakubona isibonakaliso esithile senziwa nguye. Wambuza ngamazwi amaningi, kepha yena kamphendulanga ngalutho. Abapristi abakhulu nababhali babemi bemmangalela kakhulu. Kepha uHerode namabutho akhe bameyisa, bambhinqa, baze bamembathisa ingubo ecwebezelayo, bambuyisela kuPilatu. Ngalolo suku oPilatu noHerode baba ngabahlobo; ngokuba ngaphambili kwakukhona ubutha phakathi kwabo. UPilatu wabizela ndawonye abapristi abakhulu nababusi nabantu, wathi kubo: “Nilethe kimi lo muntu ngokuthi ungodukisa abantu. Bhekani, mina ngimhlolile phambi kwenu, kepha angifumananga cala lalezo zinto enimmangalela ngazo; kunjalo noHerode futhi ngokuba umbuyisele kithi; bheka-ke, akenzanga lutho afanele ukufa ngalo. Ngakho-ke ngiyakumshaya, ngimkhulule.” Ubemelwe phela ukubakhululela abe munye ngomkhosi. Kepha bamemeza kanyekanye, bathi: “Susa lo, usikhululele uBaraba,” yena owayefakwe etilongweni ngenxa yesiyaluyalu esithile esasenzeka emzini, nangenxa yokubulala. UPilatu wabuye wakhuluma kubo efuna ukumkhulula uJesu; kodwa bamemeza bathi: “Mbethele, mbethele esiphambanweni!” Wayesethi kubo ngokwesithathu: “Kanti lo wenze bubi buni na? Angifumananga kuye icala lokufa; ngakho ngiyakumshaya, ngimkhulule.” Kepha bamcindezela ngokumemeza okukhulu befuna ukuba abethelwe. Ukumemeza kwabo kwanqoba. Wayesenquma uPilatu ngokuthi akwenziwe abakufunayo. Wayesemkhulula owayefakwe etilongweni ngenxa yesiyaluyalu nokubulala, ababemcela, kepha wamnikela uJesu kubo njengokuthanda kwabo. Kwathi bemuka naye, babamba uSimoni waseKhurene evela endle, bamthwesa isiphambano ukuba asithwale emva kukaJesu. Kwamlandela isixuku esikhulu sabantu, kukhona nabesifazane ababemkhalela, bemlilela. Kepha uJesu ephendukela kubo wathi: “Madodakazi aseJerusalema, ningangikhaleli mina, kodwa zikhaleleni nina nabantwana benu. Ngokuba bhekani, kuyeza izinsuku abayakusho ngazo ukuthi: ‘Zibusisiwe izinyumba nezizalo ezingazalanga namabele angancelisanga.’ Khona “ ‘bayakuqala ukuthi ezintabeni: “Welani phezu kwethu,” nasemagangeni: “Sisibekeleni.” ’ “Ngokuba uma benza lokho emthini oluhlaza, kuyakwenziwani kowomileyo.” Kwakukhona nabanye, izelelesi ezimbili, abayiswa ukuba babulawe kanye naye. Sebefikile endaweni ethiwa iKhanda bambethela khona nazo izelelesi, esinye ngakwesokunene nesinye ngakwesokhohlo. Kepha uJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana izingubo zakhe, benzelana inkatho. Abantu bema, bebukela; nababusi bamklolodela bathi: “Wasindisa abanye; kazisindise yena, uma enguKristu okhethiweyo kaNkulunkulu.” Namabutho ambhinqa, eza kuye, amnika uviniga, ethi: “Uma uyinkosi yabaJuda, zisindise.” Kwakukhona nombhalo phezu kwakhe othi: LO YINKOSI YABAJUDA. Njalo esinye sezelelesi ebeziphanyekiwe samhlambalaza sathi: “Wena awusiye uKristu na? Zisindise kanye nathi.” Sase siphendula esinye, sasithethisa sathi: “Nawe awumesabi uNkulunkulu, ingani ukulokhu kulahlwa nawe na? thina kambe ngokufaneleyo, ngokuba samukela okulingene nesikwenzile; kepha lo akenzanga lutho olubi.” Sase sithi: “Jesu, ngikhumbule, nxa usufike embusweni wakho.” Wathi kuso: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla uzakuba nami eParadisi.*” Kungaba yihora lesithupha kwase kuba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye; kwafiphala ilanga, isihenqo sethempeli sadabuka phakathi. UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.” Eseshilo lokho wafa. Induna yekhulu ibone okwenzekileyo yamdumisa uNkulunkulu, yathi: “Nempela lowo muntu ube ngolungileyo.” Zonke izixuku ezazibuthanele ukubukela lokho sezibonile okwenzekileyo, zabuyela emuva, zishaya izifuba zazo. Bonke abazana naye nabesifazane ababemlandela bevela eGalile bema kude, bebuka lezo zinto. Bheka-ke, kwakukhona indoda, igama layo nguJosefa, eyilungu lomphakathi, indoda enhle nelungileyo – yona yayingavumanga icebo nesenzo sabo – eyase-Arimatheya umuzi wabaJuda, eyayibheke umbuso kaNkulunkulu; yona yaya kuPilatu, yacela isidumbu sikaJesu. Yasehlisa, yasisonga ngendwangu enhle, yasibeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, lapho kungakabekwa muntu khona. Kwakulusuku lokulungisela; isabatha lase lizakuqala. Abesifazane abeza naye bevela eGalile balandela, balibona ithuna nokubekwa kwesidumbu sakhe. Base bebuyela emuva, balungisa amakha namafutha; kepha ngesabatha baphumula njengokomthetho.

NgokukaLuka 23:1-56 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwase kusuka isixuku sabo sonke, samyisa kuPilatu. Base beqala ukumthwesa icala, besithi: Simfumene lo edukisa isizwe, enqabela ukuthela kuKesari, esithi yena unguKristu iNkosi. UPilatu wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na? Wasephendula wathi kuye: Utsho wena. UPilatu wayesethi kubapristi abakhulu nasezixukwini: “Angitholi cala kulo muntu. Baqinisa kakhulu, bethi: “Uvusa abantu, efundisa kulo lonke iJudiya, eqala eGalile waze wafika lapha. UPilatu esezwile ngeGalile wabuza ukuthi lowomuntu ungowaseGalile yini. Kwathi esekwazi ukuthi ungowombuso kaHerodi, wamthumela kuHerodi, owayekhona laye eJerusalema ngalesosikhathi. UHerode embona uJesu wajabula kakhulu, ngokuba kwase kuyisikhathi eside efuna ukumbona, lokhu ebezwile ngaye; wayethemba ukuthi uzobona isibonakaliso senziwa nguye. Wasembuza ngamazwi amaningi; kodwa akamphendulanga lutho. Abapristi abakhulu nababhali babemi bemmangalela kakhulu. UHerodi lamabutho akhe bameyisa, bamklolodela, bamgqokisa isembatho esikhazimulayo, bambuyisela kuPilatu. Ngalolo suku oPilatu noHerode baba ngabangane, ngokuba ngaphambili babenobutha phakathi kwabo. Kwathi uPilatu esebizele ndawonye abapristi abakhulu lababusi labantu. Wathi kubo: “Nilethe kimi lo muntu njengophambukisa abantu; Qha, noHerode, ngokuba nginithumele kuye; bheka, akenzanga lutho olufanele ukufa kuye. Ngakho-ke ngiyakumshaya, ngimkhulule. (Ngokuba kufanele abakhululele oyedwa ngomkhosi.) Basebememeza kanyekanye, besithi: Susa lumuntu, usikhululele uBaraba; owaphonswa etilongweni ngenxa yesiyaluyalu esithile esasenzeka emzini, nangenxa yokubulala. Ngakho uPilatu ethanda ukumkhulula uJesu, wabuye wakhuluma kubo. Kodwa bamemeza, besithi: Mbethele, mbethele! Wasesithi kubo ngokwesithathu: Ngoba enze ububi bani? Kangitholanga kuye icala lokufa; ngakho ngizamtshaya, ngimyeke ahambe. Base beqinisa amazwi amakhulu befuna ukuba abethelwe. Futhi amazwi abo nawabapristi abakhulu aphumelela. UPilatu wanquma ukuthi kwenziwe njengokucela kwabo. Wayesebakhululela owayefakwe etilongweni ngenxa yesiyaluyalu nokubulala, ababemcelile; kodwa wamnikela uJesu entandweni yabo. Kwathi bemuka naye, babamba uSimoni waseKhurene evela endle, bambethela isiphambano, ukuba asithwale emva kukaJesu. Kwamlandela isixuku esikhulu sabantu, nabesifazane ababemkhalela, bemlilela. Kodwa uJesu ephendukela kubo wathi: Madodakazi aseJerusalema, lingangikhaleli mina, kodwa zikhaleleni lina labantwana benu. Ngokuba bhekani, ziyeza izinsuku abayakusho ngazo ukuthi: ‘Zibusisiwe izinyumba, nezizalo ezingazalanga, namabele angamunyisanga. Khona bayakuqala ukuthi ezintabeni: Welani phezu kwethu; nasezintabeni: Sisibekele. Ngokuba uma benza lokho esihlahleni esiluhlaza, kuyakwenziwani kowomileyo na? Kwakukhona-ke nezinye izelelesi ezimbili, zasiwa kanye laye ukuze zibulawe. Sebefikile endaweni ethiwa uKhalvari, bambethela khona kanye nezelelesi, esinye ngakwesokunene, nesinye ngakwesokhohlo. UJesu wayesethi: “Baba, bathethelele; ngoba kabakwazi abakwenzayo. Babelana izingubo zakhe, benza inkatho yokuphosa. Abantu bema bebukela. Nababusi bamhleka usulu, bathi: “Wasindisa abanye; akazisindise, uma enguKristu, okhethiweyo kaNkulunkulu. Namasosha amklolodela, eza kuye, amnika uviniga. Besithi: Uba wena uyinkosi yabaJuda, zisindise. Kwakukhona nombhalo phezu kwakhe ngezinhlamvu zesiGreki, nesiLatini, nesiHeberu, othi: LO UYINKOSI YABAJUDA. Nesinye sezelelesi ezaziphanyekiwe samthuka, sithi: “Uma wena unguKristu, zisindise wena nathi. Kepha omunye wamkhuza, wathi: “Awumesabi uNkulunkulu, njengokuba ukulokhu kulahlwa na? Kepha thina ngokweqiniso; ngoba thina samukela umvuzo wezenzo zethu; kodwa yena lo akenzanga lutho olubi. Yathi kuJesu: “Nkosi, ngikhumbule, nxa usufike embusweni wakho. UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla uzakuba nami eParadisi. Kwathi kungaba yihora lesithupha, kwaba khona ubumnyama phezu komhlaba wonke kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Ilanga laba mnyama, iveli lethempeli ladabuka phakathi. UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.” Eseshilo lokho wafa. Induna yekhulu isibonile okwenzekileyo, yamdumisa uNkulunkulu, ithi: “Nempela lo ubengumuntu olungileyo. Isixuku sonke esasibuthene kulowo mbono, sibona okwenzekileyo, sabuyela emuva, sishaya izifuba. Bonke abazana naye, nabesifazane ababemlandela bevela eGalile, bema kude, bebuka lezo zinto. Bheka, kwakukhona indoda, igama layo linguJosefa, engumeluleki; futhi wayeyindoda elungileyo, elungile; Yena wayengavumelananga necebo nesenzo sabo; wayengowase-Arimathiya umuzi wamaJuda, naye owayelindele umbuso kaNkulunkulu. Yona yaya kuPilatu, yacela isidumbu sikaJesu. Yasehlisa, yasisonga ngelineni, yasibeka ethuneni eliqoshwe etsheni, okungakabekwa muntu kulo. Ngalolo suku kwakuwukulungiselela, nesabatha lase lisondela. Nabesifazane abeza naye bevela eGalile balandela, balibona ithuna, nokubekwa kwesidumbu sakhe. Base bebuya, balungisa amakha namafutha; waphumula ngosuku lwesabatha ngokomthetho.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo