NgokukaLuka 22:7-46

NgokukaLuka 22:7-46 ZUL20

Lwase lufika usuku lwesinkwa esingenamvubelo, okufanele ukuba kuhlatshwe ngalo iPhasika. UJesu wathuma uPhethro noJohane, wathi: “Hambani niyosilungisela iPhasika ukuba sidle.” Bathi kuye: “Uthanda ukuba sililungisele kuphi na?” Wathi kubo: “Niyothi uma seningenile emzini, nihlangane nomuntu ethwele imbiza yamanzi; mlandeleni, niye endlini angena kuyo, bese nithi kumninindlu: ‘UMfundisi uthi kuwe: “Liphi ikamelo lezihambi engingadlela kulo iPhasika nabafundi bami, na?” ’ Lowo-ke uzakunikhombisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elilungisiweyo; lilungiseleni lapho-ke.” Sebehambile, bafumana kunjengoba ayeshilo kubo, base belungisela iPhasika. Kwathi ukuba kufike isikhathi, wahlala phansi esidlweni, nabaphostoli benaye. Wayesethi kubo: “Bengilangazelela nokulangazelela okukhulu ukuba ngidle leli Phasika nani ngingakahlupheki. Ngokuba ngithi kini: angisayukulidla futhi, kuze kufezeke inhloso yalo embusweni kaNkulunkulu.” Wathabatha indebe, wabonga wathi: “Thabathani lokhu, nabelane; ngokuba ngithi kini, kusukela manje angisayukuphuza kulesi sithelo somvini, kuze kufike umbuso.” Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika sona, ethi: “Lokhu kungumzimba wami onikelelwe nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.” Kanjalo-ke wathabatha nendebe sebedlile, wathi: “Le ndebe iyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina. Kepha isandla songikhaphelayo sinami lapha etafuleni. Ngokuba iNdodana yomuntu izakufa njengokumisiweyo, kepha maye, kulowo muntu ekhashelwa ngaye!” Base beqala ukubuzana bodwa ukuthi ngabe ngubani kubo ozakukwenza lokho. Kwaqubuka nempikiswano yokuthi ngubani phakathi kwabo okungathiwa mkhulu. UJesu wayesethi kubo: “Ababusi bezizwe bazithwalisa kanzima izizwe, nalabo abayiziphathimandla babizwa ngokuthi ngabenzi bokuhle. Kepha akunjalo kinina; kodwa omkhulu kini, makabe njengomncinyane; nongumholi, abe njengesisebenzi. Ngokuba ngubani omkhulu, ngabe ngohleli elindele ukunikwa ukudla noma yisisebenzi esiphakayo na? Akusiye yini ohlezi esidlweni na? Kepha Mina ngiphakathi kwenu njengesisebenzi. Nina-ke benilokhu ninami ekulingweni kwami. Njengalokhu uBaba enginikile umbuso, nami ngininika wona, ukuze nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami. Niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nibuse izizwe ezili-12 zakwa-Israyeli.” “Simoni, Simoni, lalela la; uSathane unicelile ukuba anihlunge njengokolweni. Kepha Mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli. Wena-ke, uma usuphendukile, uqinise abafowenu.” Kepha wathi kuye: “Nkosi, ngikulungele ukuya nawe ejele nasekufeni.” UJesu wayesethi: “Ngiyakutshela, Phethro, ukuthi iqhude aliyukukhala namhlanje, ungakangiphiki kathathu ukuthi awungazi.” Wayesethi kubo: “Mhla nginithuma ningenasikhwama semali, nasikhwama sokwethekela, nazicathulo, ngabe kukhona yini enakweswelayo na?” Bathi: “Qha.” Wayesethi kubo: “Kepha manje onesikhwama semali makasithathe, kanjalo nonesokwethekela; ongenankemba makathengise ngengubo yakhe, ayithenge inkemba. Ngokuba ngithi kini: kufanele ukuba kugcwaliseke lokho okulotshiweyo ngami, ukuthi: ‘Wabalwa kanye nezelelesi;’ ngokuba lokho okulotshiwe ngami, sekuyafezeka.” Base bethi: “Nkosi, bheka, nazi izinkemba ezimbili.” Wathi kubo: “Kwanele.” Wayesephuma, waya eNtabeni Yeminqumo njengalokhu kwakungumkhuba wakhe, abafundi bakhe bamlandela. Kuthe esefikile lapho, wathi kubo: “Khulekani ukuze ningangeni ekulingweni.” Wayesesuka kubo ibanga elingangokuphonsa itshe, waguqa phansi, wakhuleka, wathi: “Baba, uma uthanda yisuse kimi le ndebe, nokho kungabi ngokwentando yami, kube njengokuba kuthanda wena.” Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa. Esosizini olunzima, wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaze zaba njengamathonsi egazi econsela emhlabathini. Esesukumile ekukhulekeni, waya kubafundi bakhe, wabafica belele, ngokuba babedabukile kakhulu. Wathi kubo: “Nilaleleni na? Vukani nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 22:7-46