NgokukaLuka 22:7-46

NgokukaLuka 22:7-46 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Lwase lufika usuku lwesinkwa esingenamvubelo, okufanele kuhlatshwe ngalo iphasika. Wasethuma uPetro loJohane, esithi: Hambani lisilungisele iphasika, ukuze sidle. Bathi kuye: “Uthanda ukuba sikulungiselephi na? Wathi kubo: “Bhekani, seningena emzini, niyakuhlangana nomuntu ethwele imbiza yamanzi; mlandeleni ningene endlini angena kuyo. Niyakusho kumninindlu ukuthi: ‘Uthi uMfundisi kuwe: Iphi indlu yezihambi, lapho ngingadlela khona iphasika nabafundi bami, na? Yena uzakunikhombisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elenziwe; Bahamba-ke bafumana kunjengokusho kwakhe kubo; balilungisa iphasika. Selifikile ihora, wahlala phansi, nabaphostoli abayishumi nambili kanye naye. Wathi kubo: “Nginxanele nokunxanela ukudla nani leli phasika ngingakahlupheki. Ngokuba ngithi kini: Angisayikuphinda ngiyidle, ize igcwaliseke embusweni kaNkulunkulu. Waseyithatha inkezo, wabonga, wathi: Thathani le, lihlukaniselane; Ngokuba ngithi kini: Angisayikuphuza okwesithelo somvini, uze ufike umbuso kaNkulunkulu. Wasethatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, esithi: Lokhu kungumzimba wami onikelwa lina; lokhu kwenzeni ukungikhumbula. Kanjalo nenkezo emva kokudla kwakusihlwa, ethi: Le ndebe iyisivumelwano esisha egazini lami elithululwa ngenxa yenu. Kodwa bhekani, isandla songikhaphelayo sinami etafuleni. Nempela iNdodana yomuntu iyahamba njengokumisiweyo, kepha maye kulowo muntu ekhashelwa ngaye! Base beqala ukubuzana bodwa ukuthi kungaba ngubani kubo ozakukwenza lokho. Kwase kuba khona nokuphikisana phakathi kwabo kokuthi ngubani kubo ongathiwa mkhulu. Wathi kubo: “Amakhosi abezizwe azenza amakhosi phezu kwazo; lalabo abanegunya phezu kwazo babizwa ngokuthi ngabasizi. Kepha aninjalo; kodwa omkhulu phakathi kwenu makabe njengomncinyane; futhi oyinhloko makabe njengokhonzayo. Ngokuba yimuphi omkhulu, ohlezi ekudleni noma okhonzayo? Akusiye ohlezi ekudleni na? kodwa mina ngiphakathi kwenu njengokhonzayo. Nina ningabo abaye bahlala nami ekulingweni kwami. Nami nginimisela umbuso, njengalokho uBaba engimisele wona; ukuze nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami, nihlale ezihlalweni zobukhosi, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli. INkosi yasisithi: Simoni, Simoni, khangela, uSathane unifunile, ukuze anihlunge njengokolweni; Kepha mina ngikukhulekele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu. Wathi kuye: “Nkosi, sengilungele ukuya nawe nasetilongweni nasekufeni. Wathi: “Ngiyakutshela, Petru, iqhude aliyikukhala namuhla, ungakaphiki kathathu ukuthi uyangazi. Wathi kubo: “Mhla nginithuma ningenasikhwama, nasikhwama, nazicathulo, naswela utho na? Basebesithi: Lutho. Wasesithi kubo: Kodwa khathesi lowo olomxhaka kawuthathe, njalo lesikhwama sakhe; Ngokuba ngithi kini: Lokhu okulotshiweyo kusamelwe kufezeka kimi, kokuthi: Wabalwa kanye nezelelesi, ngokuba okuqondene nami kunesiphelo. Bathi: “Nkosi, bheka, nazi izinkemba ezimbili. Wasesithi kubo: Kwanele. Wasephuma, waya eNtabeni Yeminqumo njengokwejwayela; labafundi bakhe bamlandela. Esefikile kuleyo ndawo wathi kubo: “Khulekani ukuba ningangeni ekulingweni. Yena wahlehla kubo okungaba yibanga lokuphonswa kwetshe, waguqa ngamadolo, wakhuleka. Ethi: “Baba, uma uthanda, susa lesisitsha kimi; Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini imqinisa. Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini. Wasukuma ekukhulekeni, weza kubafundi bakhe, wabafica belele ngosizi. Wathi kubo: “Nilaleleni na? sukumani nikhuleke, ukuze ningangeni ekulingweni.

NgokukaLuka 22:7-46 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaLuka 22:7-46 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Lwase lufika usuku lwesinkwa esingenamvubelo, okufanele ukuba kuhlatshwe ngalo iPhasika. UJesu wathuma uPhethro noJohane, wathi: “Hambani niyosilungisela iPhasika ukuba sidle.” Bathi kuye: “Uthanda ukuba sililungisele kuphi na?” Wathi kubo: “Niyothi uma seningenile emzini, nihlangane nomuntu ethwele imbiza yamanzi; mlandeleni, niye endlini angena kuyo, bese nithi kumninindlu: ‘UMfundisi uthi kuwe: “Liphi ikamelo lezihambi engingadlela kulo iPhasika nabafundi bami, na?” ’ Lowo-ke uzakunikhombisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elilungisiweyo; lilungiseleni lapho-ke.” Sebehambile, bafumana kunjengoba ayeshilo kubo, base belungisela iPhasika. Kwathi ukuba kufike isikhathi, wahlala phansi esidlweni, nabaphostoli benaye. Wayesethi kubo: “Bengilangazelela nokulangazelela okukhulu ukuba ngidle leli Phasika nani ngingakahlupheki. Ngokuba ngithi kini: angisayukulidla futhi, kuze kufezeke inhloso yalo embusweni kaNkulunkulu.” Wathabatha indebe, wabonga wathi: “Thabathani lokhu, nabelane; ngokuba ngithi kini, kusukela manje angisayukuphuza kulesi sithelo somvini, kuze kufike umbuso.” Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika sona, ethi: “Lokhu kungumzimba wami onikelelwe nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.” Kanjalo-ke wathabatha nendebe sebedlile, wathi: “Le ndebe iyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina. Kepha isandla songikhaphelayo sinami lapha etafuleni. Ngokuba iNdodana yomuntu izakufa njengokumisiweyo, kepha maye, kulowo muntu ekhashelwa ngaye!” Base beqala ukubuzana bodwa ukuthi ngabe ngubani kubo ozakukwenza lokho. Kwaqubuka nempikiswano yokuthi ngubani phakathi kwabo okungathiwa mkhulu. UJesu wayesethi kubo: “Ababusi bezizwe bazithwalisa kanzima izizwe, nalabo abayiziphathimandla babizwa ngokuthi ngabenzi bokuhle. Kepha akunjalo kinina; kodwa omkhulu kini, makabe njengomncinyane; nongumholi, abe njengesisebenzi. Ngokuba ngubani omkhulu, ngabe ngohleli elindele ukunikwa ukudla noma yisisebenzi esiphakayo na? Akusiye yini ohlezi esidlweni na? Kepha Mina ngiphakathi kwenu njengesisebenzi. Nina-ke benilokhu ninami ekulingweni kwami. Njengalokhu uBaba enginikile umbuso, nami ngininika wona, ukuze nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami. Niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nibuse izizwe ezili-12 zakwa-Israyeli.” “Simoni, Simoni, lalela la; uSathane unicelile ukuba anihlunge njengokolweni. Kepha Mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli. Wena-ke, uma usuphendukile, uqinise abafowenu.” Kepha wathi kuye: “Nkosi, ngikulungele ukuya nawe ejele nasekufeni.” UJesu wayesethi: “Ngiyakutshela, Phethro, ukuthi iqhude aliyukukhala namhlanje, ungakangiphiki kathathu ukuthi awungazi.” Wayesethi kubo: “Mhla nginithuma ningenasikhwama semali, nasikhwama sokwethekela, nazicathulo, ngabe kukhona yini enakweswelayo na?” Bathi: “Qha.” Wayesethi kubo: “Kepha manje onesikhwama semali makasithathe, kanjalo nonesokwethekela; ongenankemba makathengise ngengubo yakhe, ayithenge inkemba. Ngokuba ngithi kini: kufanele ukuba kugcwaliseke lokho okulotshiweyo ngami, ukuthi: ‘Wabalwa kanye nezelelesi;’ ngokuba lokho okulotshiwe ngami, sekuyafezeka.” Base bethi: “Nkosi, bheka, nazi izinkemba ezimbili.” Wathi kubo: “Kwanele.” Wayesephuma, waya eNtabeni Yeminqumo njengalokhu kwakungumkhuba wakhe, abafundi bakhe bamlandela. Kuthe esefikile lapho, wathi kubo: “Khulekani ukuze ningangeni ekulingweni.” Wayesesuka kubo ibanga elingangokuphonsa itshe, waguqa phansi, wakhuleka, wathi: “Baba, uma uthanda yisuse kimi le ndebe, nokho kungabi ngokwentando yami, kube njengokuba kuthanda wena.” Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa. Esosizini olunzima, wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaze zaba njengamathonsi egazi econsela emhlabathini. Esesukumile ekukhulekeni, waya kubafundi bakhe, wabafica belele, ngokuba babedabukile kakhulu. Wathi kubo: “Nilaleleni na? Vukani nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni.”

NgokukaLuka 22:7-46 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Lwase lufika usuku lwesinkwa esingenamvubelo okumelwe ukuba kuhlatshwe ngalo iphasika. Wathuma oPetru noJohane, wathi: “Hambani niye ukusilungisela iphasika ukuba sidle.” Bathi kuye: “Uthanda ukuba sikulungiselephi na?” Wathi kubo: “Bhekani, seningene emzini niyakuhlangana nomuntu othwele imbiza yamanzi; mlandeleni, niye endlini angena kuyo, nize nithi kumninindlu: ‘Uthi uMfundisi kuwe: Liphi ikamelo lokungenisa, lapho ngingadlela khona iphasika nabafundi bami, na?’ Lowo-ke uzakunikhombisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elendlelweyo; lungiselani lapho.” Basuka, bafumana kunjengokusho kwakhe kubo; base belungisa iphasika. Kwathi ukuba kufike isikhathi, wahlala phansi, nabaphostoli kanye naye. Wayesethi kubo: “Nginxanele nokunxanela ukudla nani leli phasika ngingakahlupheki. Ngokuba ngithi kini: Angisayikulidla ngempela lize ligcwaliseke embusweni kaNkulunkulu.” Wamukela isitsha, wabonga wathi: “Thabathani lokhu, nabelane; ngokuba ngithi kini kusukela manje angisayikuphuza okwesithelo somvini, uze ufike umbuso kaNkulunkulu.” Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, wathi: “Lokhu kungumzimba wami onikelwa nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.” Kanjalo-ke nesitsha emva kokudla, ethi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina. Kepha bhekani, isandla songikhaphelayo sinami etafuleni. Ngokuba iNdodana yomuntu isihamba njengokumisiweyo, kepha maye kulowo muntu ekhashelwa ngaye!” Base beqala ukubuzana bodwa ukuthi kungase kube ngubani kubo ozakukwenza lokho. Kwavela nokuphikisana phakathi kwabo kokuthi ngumuphi kubo ongathiwa omkhulu. Wayesethi kubo: “Ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, neziphathimandla zazo zithiwa abazenzela okuhle. Kepha nina aninjalo; kodwa omkhulu kini makabe njengomncinyane, nobusayo makabe njengokhonzayo. Ngokuba ngumuphi omkhulu, ohlezi ekudleni noma okhonzayo, na? Akusiye ohlezi ekudleni na? Kepha mina ngiphakathi kwenu njengokhonzayo. Nina-ke ningababekhuthazela nami ekulingweni kwami; nanjengokuba uBaba engimisele umbuso, nami nginimisela wona ukuba nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami; niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli. “Simoni, Simoni, bheka, uSathane unifunile ukuba anihlunge njengokolweni; kepha mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.” Wathi kuye: “Nkosi, ngilungele ukuya nawe nasetilongweni nasekufeni.” Wayesethi: “Ngiyakutshela, Petru, ukuthi iqhude aliyikukhala namhlanje, ungakangiphiki kathathu ukuthi awungazi.” Wathi kubo: “Mhla nginithuma ningenasikhwama, nayika, nazicathulo, naswela utho na?” Bathi: “Lutho.” Wayesethi kubo: “Kepha manje onesikhwama kasithathe, neyika futhi; oswelayo kathengise ngengubo yakhe, athenge inkemba. Ngokuba ngithi kini: Kumelwe ukugcwaliseka kimi lokho okulotshiweyo kokuthi: ‘Wabalwa kanye nezelelesi;’ ngokuba okuqondene nami sekuyaphelela.” Base bethi: “Nkosi, bheka, nazi izinkemba ezimbili.” Wathi kubo: “Kwanele.” Wayesephuma, waya eNtabeni Yeminqumo njengomkhuba wakhe, nabafundi bakhe bamlandela. Esefikile endaweni wathi kubo: “Khulekani ukuba ningangeni ekulingweni.” Wamonyuka kubo kungathi ibanga lokuphonsa itshe, waguqa phansi, wakhuleka, wathi: “Baba, uma uthanda, susa lesi sitsha kimi; nokho makungenziwa intando yami kodwa eyakho.” Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa. Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini. Esesukume ekukhulekeni weza kubafundi bakhe, wabafumana belele ngokudabuka. Wathi kubo: “Nilaleleni na? Vukani nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni.”