Kwathi abanye besababaza ubuhle bethempeli ukuthi lihlotshiswe ngamatshe amahle nangezipho ezinhle, uJesu wayesethi kubo: “Kuyakufika izinsuku lapho kulokhu enikubonayo, kungayukushiywa itshe phezu kwelinye elingayukudilizelwa phansi.”
Base bembuza bethi: “Mfundisi, lokhu kuyakwenzeka nini, futhi siyakuba yini isibonakaliso sokuthi sekuzakwenzeka na?”
Wathi: “Qaphelani, ningadukiswa, ngokuba kuyakuvela abaningi egameni lami, bathi: ‘Nginguye,’ babuye bathi: ‘Isikhathi sesisondele.’ Ningabalandeli. Uma nizwa ngezimpi nangeziyaluyalu, ningesabi, ngokuba kufanele ukuba zenzeke lezi zinto kuqala, kodwa kuyobe kungakabi umhla wokuphela.”
Wayesethi kubo: “Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso. Kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kubhoke indlala ezindaweni eziningi, kube khona ubhubhane, izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini.
“Kepha kungakenzeki konke lokho, bayakunibamba, banihluphe, banikhaphele emasinagogeni nasemajele, baniyise phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami. Lokhu kuyakuninika ithuba lokuba nifakaze. Ngakho-ke kugcineni ezinhliziyweni zenu ukuze ningazindli ngokuthi niyakuziphendulela nithini, ngokuba Mina ngiyakunifunza amazwi nokuhlakanipha abangayukwazi ukumelana nakho noma baphikisane nakho bonke labo abalwa nani. Impela niyakukhashelwa ngisho ngabazali, abafowenu, izihlobo nabangani; abanye benu bayakubulawa yibo. Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami. Nokho akuyukulahleka nalunye ezinweleni zekhanda lenu. Ekubekezeleni kwenu, niyakuzuza ukuphila kwenu.”
“Kuyakuthi nxa nibona iJerusalema lihaqwe yizimpi, bese nazi-ke ukuthi sekusondele ukubhujiswa kwalo. Ngakho-ke labo abaseJudiya mababalekele ezintabeni; abakulo, mabaphume baphele; abasemasimini, abangangeni kulo. Ngokuba lezi kuyakube kuyizinsuku zempindiselo ukuze kugcwaliseke konke okulotshiweyo. Wo, kwabakhulelweyo nakwabancelisayo ngalezo zinsuku! Ngokuba kuyakuba khona ukuhlupheka okukhulu emhlabeni, nentukuthelo yehlele phezu kwalesi sizwe. Abanye bayakubulawa ngenkemba, abanye bathunjwe, bayiswe ezizweni zonke. IJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kuphele isikhathi sabezizwe.”