NgokukaLuka 2:25-52

NgokukaLuka 2:25-52 ZUL20

Kwakukhona umuntu eJerusalema, ogama lakhe kunguSimeyoni. Lo muntu wayelungile, futhi emesaba uNkulunkulu, elindele induduzo ka-Israyeli, uMoya oNgcwele wayephezu kwakhe. Wembulelwa nguMoya oNgcwele ukuthi akayukufa engakamboni uKhristu, iNkosi. Wafika ngoMoya ethempelini. Kwathi ukuba abazali balethe umntwana uJesu ethempelini ukuba bamenzele lokho okuyisiko lomthetho, wamemukela ngokumgona, wambonga uNkulunkulu, wathi: “Nkosi, sale usumukisa inceku yakho ngokuthula, njengezwi lakho, ngokuba amehlo ami ayibonile insindiso yakho oyilungisele ebusweni babantu bonke; ukukhanya kokwambulela abezizwe nenkazimulo yesizwe sakho u-Israyeli.” Uyise nonina bamangala ngalokho okukhulunywa ngaye. USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya, unina: “Lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nokuba yisibonakaliso esiphikwayo – yebo, inkemba iyakudabula nowakho umphefumulo – ukuba kwambulwe izizindlo zezinhliziyo eziningi.” Kwakukhona nomphrofethikazi, u-Ana, owayeyindodakazi kaFanuweli, wesizwe sika-Aseri; wayesekhule kakhulu. Wayehlale nendoda yakhe iminyaka eyisikhombisa emva kobuntombi bakhe. Wayengumfelokazi waze waba neminyaka engama-84, engasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini. Naye-ke wafika ngaleso sikhathi, wamtusa uNkulunkulu, wabatshela ngaye bonke ababebheke ukukhululwa kweJerusalema. Kwathi sebekufeze konke okungokomthetho weNkosi babuyela eGalile, emzini wakubo, iNazaretha. Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; umusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe. Kwakuthi minyaka yonke abazali bakaJesu baye eJerusalema ngoMkhosi wePhasika. UJesu eseneminyaka eli-12 bakhuphuka njengokomthetho womkhosi. Seziphelile izinsuku, sebebuyela emuva, umntwana uJesu wasala eJerusalema, abazali bakhe bengazi. Becabanga ukuthi uphakathi kwababehambisana nabo, bahamba ibanga losuku bamfuna phakathi kwezihlobo nabazana nabo. Kwathi lapho bengamtholi babuyela eJerusalema, beyomfuna. Kuthe sekwedlule izinsuku ezintathu, bamfumana ethempelini, ehleli phakathi kwabafundisi, ebalalele, futhi ebabuza. Bonke ababemuzwa bamangala ngokuqonda nangokuphendula kwakhe. Abazali bakhe bathi bengambona bamangala, unina wathi kuye: “Mntanami, ukwenzeleni lokhu kithi na? Uyihlo nami besikufuna, sikhathazekile.” Wabaphendula wathi: “Kade ningifunelani na? Beningazi yini ukuthi kumele ukuba ngibe kokukaBaba na?” Kepha abaliqondanga izwi alikhuluma kubo. Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawalonda wonke lawo mazwi enhliziyweni yakhe. UJesu wakhula ekuhlakanipheni nasemzimbeni, ethokozelwa nguNkulunkulu nangabantu.