NgokukaLuka 2:25-52

NgokukaLuka 2:25-52 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Bheka, kwakukhona eJerusalema indoda, igama layo linguSimeyoni; futhi lo muntu wayelungile futhi esaba uNkulunkulu, elindele induduzo ka-Israyeli, futhi uMoya oNgcwele wayephezu kwakhe. Kwambulelwa kuye ngoMoya oNgcwele, ukuthi akayikubona ukufa, engakamboni uKristu weNkosi. Wasengena ethempelini ngoMoya; Wasembamba wamgona, wabonga uNkulunkulu, wathi: Manje, Nkosi, uyayiyeka inceku yakho ihambe ngokuthula njengezwi lakho. Ngokuba amehlo ami abonile insindiso yakho, Owulungisileyo phambi kobuso babantu bonke; ukukhanya kokukhanyisa abezizwe, nenkazimulo yabantu bakho u-Israyeli. UJosefa nonina bamangala ngalokho okukhulunywa ngaye. USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi kwa-Israyeli; futhi kube yisibonakaliso esiyophikiswa; (Yebo, nowakho inkemba iyakudabula umphefumulo wakho), ukuze kwambulwe imicabango yezinhliziyo eziningi. Kwakukhona umprofethikazi uAna, indodakazi kaFanuweli, owesizwe sika-Asheri, esemdala kakhulu, ebehlala nendoda iminyaka eyisikhombisa kusukela ebuntombini bakhe. Engumfelokazi okungathi iminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, ongasuki ethempelini, ekhonza uNkulunkulu ngokuzila ukudla nangokukhuleka ubusuku nemini. Naye weza ngaso leso sikhathi, wayibonga iNkosi, wakhuluma ngayo kubo bonke ababebheke ukukhululwa eJerusalema. Sebefeze konke ngokomthetho weNkosi, babuyela eGalile emzini wakubo eNazaretha. Umntwana wakhula, waba namandla, egcwala ukuhlakanipha; nomusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe. Abazali bakhe baya eJerusalema iminyaka ngeminyaka ngomkhosi wePhasika. Kwathi eseneminyaka eyishumi nambili, bakhuphukela eJerusalema njengomkhuba womkhosi. Sebeziqedile izinsuku, ekubuyeni kwabo, umntwana uJesu wasala eJerusalema; uJosefa lonina babengazi. Kepha bona babethi uphakathi kwesixuku bahamba ibanga losuku; bamdinga phakathi kwezihlobo nezihlobo zabo. Kuthe bengamtholi, babuyela eJerusalema, bemfuna. Kwathi emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini, ehlezi phakathi kwabafundisi, ebazwa, ebabuza. Bonke ababemuzwa bamangala ngokuqonda kwakhe nezimpendulo zakhe. Sebembonile bamangala; unina wathi kuye: Mntwana, usenzeleni okunje? bheka, uyihlo nami besikufuna silusizi. Wathi kubo: Beningifunelani na? beningazi yini ukuthi ngifanele ukuba kokukaBaba na? Kepha bona abakuqondanga lokho abekusho kubo. Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela, kepha unina wawagcina onke lawo mazwi enhliziyweni yakhe. UJesu waqhubeka ekuhlakanipheni nasekukhuleni nasekuthandeni uNkulunkulu nakubantu.

NgokukaLuka 2:25-52 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaLuka 2:25-52 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwakukhona umuntu eJerusalema, ogama lakhe kunguSimeyoni. Lo muntu wayelungile, futhi emesaba uNkulunkulu, elindele induduzo ka-Israyeli, uMoya oNgcwele wayephezu kwakhe. Wembulelwa nguMoya oNgcwele ukuthi akayukufa engakamboni uKhristu, iNkosi. Wafika ngoMoya ethempelini. Kwathi ukuba abazali balethe umntwana uJesu ethempelini ukuba bamenzele lokho okuyisiko lomthetho, wamemukela ngokumgona, wambonga uNkulunkulu, wathi: “Nkosi, sale usumukisa inceku yakho ngokuthula, njengezwi lakho, ngokuba amehlo ami ayibonile insindiso yakho oyilungisele ebusweni babantu bonke; ukukhanya kokwambulela abezizwe nenkazimulo yesizwe sakho u-Israyeli.” Uyise nonina bamangala ngalokho okukhulunywa ngaye. USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya, unina: “Lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nokuba yisibonakaliso esiphikwayo – yebo, inkemba iyakudabula nowakho umphefumulo – ukuba kwambulwe izizindlo zezinhliziyo eziningi.” Kwakukhona nomphrofethikazi, u-Ana, owayeyindodakazi kaFanuweli, wesizwe sika-Aseri; wayesekhule kakhulu. Wayehlale nendoda yakhe iminyaka eyisikhombisa emva kobuntombi bakhe. Wayengumfelokazi waze waba neminyaka engama-84, engasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini. Naye-ke wafika ngaleso sikhathi, wamtusa uNkulunkulu, wabatshela ngaye bonke ababebheke ukukhululwa kweJerusalema. Kwathi sebekufeze konke okungokomthetho weNkosi babuyela eGalile, emzini wakubo, iNazaretha. Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; umusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe. Kwakuthi minyaka yonke abazali bakaJesu baye eJerusalema ngoMkhosi wePhasika. UJesu eseneminyaka eli-12 bakhuphuka njengokomthetho womkhosi. Seziphelile izinsuku, sebebuyela emuva, umntwana uJesu wasala eJerusalema, abazali bakhe bengazi. Becabanga ukuthi uphakathi kwababehambisana nabo, bahamba ibanga losuku bamfuna phakathi kwezihlobo nabazana nabo. Kwathi lapho bengamtholi babuyela eJerusalema, beyomfuna. Kuthe sekwedlule izinsuku ezintathu, bamfumana ethempelini, ehleli phakathi kwabafundisi, ebalalele, futhi ebabuza. Bonke ababemuzwa bamangala ngokuqonda nangokuphendula kwakhe. Abazali bakhe bathi bengambona bamangala, unina wathi kuye: “Mntanami, ukwenzeleni lokhu kithi na? Uyihlo nami besikufuna, sikhathazekile.” Wabaphendula wathi: “Kade ningifunelani na? Beningazi yini ukuthi kumele ukuba ngibe kokukaBaba na?” Kepha abaliqondanga izwi alikhuluma kubo. Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawalonda wonke lawo mazwi enhliziyweni yakhe. UJesu wakhula ekuhlakanipheni nasemzimbeni, ethokozelwa nguNkulunkulu nangabantu.

NgokukaLuka 2:25-52 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Bheka, kwakukhona umuntu eJerusalema ogama lakhe linguSimeyoni; lo muntu wayelungile, emesaba uNkulunkulu, ebhekile induduzo ka-Israyeli; noMoya oNgcwele wayephezu kwakhe. Kwakubonakalisiwe kuye ngoMoya oNgcwele ukuthi akayikubona ukufa engakamboni uKristu weNkosi. Wafika ngoMoya ethempelini. Kwathi ukuba abazali balethe umntwana uJesu ethempelini ukuba benze kuye njengesiko lomthetho, wamamukela ngokumgona, wambonga uNkulunkulu, wathi: “Sale usumukisa ngokuthula inceku yakho, Somandla, njengezwi lakho, ngokuba amehlo ami abonile insindiso yakho oyilungisele ebusweni babantu bonke, ukukhanya kokwambulela abezizwe nenkazimulo yesizwe sakho u-Israyeli.” Uyise nonina bamangala ngalokho okukhulunywa ngaye. USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nesibonakaliso esiphikwayo – yebo, inkemba iyakudabula nowakho umphefumulo – ukuba kwambulwe izizindlo zezinhliziyo eziningi.” Kwakukhona nomprofethikazi, u-Ana, indodakazi kaFanuweli, owesizwe sika-Aseri; wayesekhulile kakhulu, ebehlalile nendoda iminyaka eyisikhombisa emva kobuntombi bakhe, engumfelokazi waze waba neminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, engasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini. Naye-ke efika ngasona leso sikhathi wamtusa uNkulunkulu, wakhuluma ngaye kubo bonke ababebheke ukukhululwa kweJerusalema. Kwathi sebefeze konke okungokomthetho weNkosi babuyela eGalile emzini wakubo iNazaretha. Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; nomusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe. Abazali bakhe baya eJerusalema iminyaka yonke ngomkhosi wePhasika. Eseneminyaka eyishumi nambili, bakhuphuka njengokomthetho womkhosi. Sebeziqedile izinsuku, ekubuyeni kwabo, umntwana uJesu wasala eJerusalema, abazali bakhe bengazi. Bethi-ke bona uphakathi kwabahambisana nabo bahamba ibanga losuku, bamfuna phakathi kwezihlobo nabazana nabo. Bengamtholi babuyela eJerusalema, bemfuna. Kwathi emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini ehlezi phakathi kwabafundisi, ebezwa, ebabuza. Bonke ababemuzwa bamangala ngokuqonda nangokuphendula kwakhe. Bathi bembona, bamangala; unina wathi kuye: “Mntanami, usenzeleni okunje na? Bheka, uyihlo nami besikufuna silusizi.” Wathi kubo: “Kukanjani, beningifunelani na? Beningazi yini ukuthi kumelwe ukuba ngibe kokukaBaba na?” Abaliqondanga lelo zwi abelikhuluma kubo. Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawagcina onke lawa mazwi enhliziyweni yakhe. UJesu waqhubeka ekuhlakanipheni, nasekukhuleni, nasemseni kuNkulunkulu nakubantu.