NgokukaLuka 15:25-32

NgokukaLuka 15:25-32 ZUL20

“Kepha indodana yakhe endala yayisensimini; kuthe lapho isondela ngasekhaya, yezwa kuhlatshelelwa, futhi kusinwa. Yabiza enye yezinceku, yabuza ukuthi kwenzenjani. Yathi kuyo: ‘Kufike umnawakho, uyihlo wayesehlaba ithole elikhuluphalisiweyo, ngokuba ubuye wamthola esaphila.’ “Kepha indodana endala yathukuthela, yenqaba ukungena ekhaya. Uyise wayesephuma, wayincenga. Kepha yaphendula, yathi kuyise: ‘Bheka nje, iminyaka engaka ngikusebenzela; angizange ngiweqe umyalo wakho, kepha mina awukaze ungihlabise ngisho nezinyane lembuzi leli, ukuba ngithokoze nabangani bami. Kepha kuthe ukuba kufike le ndodana yakho ebhubhudle ifa lakho nezifebe, wayihlabisa ithole elikhuluphalisiweyo.’ “Wayesethi uyise kuyo: ‘Ndodana, wena uhlala nami njalo; konke okwami kungokwakho. Kepha kufanele sijabule, sithokoze, ngokuba umfowenu lo ubefile, manje useyaphila; ubelahlekile, kodwa usetholakele.’ ”