NgokukaLuka 15:25-32
NgokukaLuka 15:25-32 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Indodana yakhe enkulu yayisensimini; yathi isiza isondela endlini, yezwa ukuhlabelela nokusina. Yabiza enye yezinceku, yabuza ukuthi ziyini lezi zinto. Wathi kuye: “Umfowenu ufikile; uyihlo uhlabile ithole elikhuluphalisiwe, ngokuba umamukele ephilile. Wathukuthela, akavumanga ukungena; wayesephuma uyise, wamncenga. Wasephendula wathi kuyise: Khangela, leminyaka eminengi ngikukhonza, kangizange ngeqe umlayo wakho; Kodwa kuthe ifika le ndodana yakho, edle ukudla kwakho lezifebe, uyihlabele ithole elikhuluphalisiweyo. Wathi kuye: “Mntanami, wena uhlezi unami, nakho konke enginakho kungokwakho. Bekufanele ukuthi sijabule sithokoze, ngokuba umfowenu lo ubefile, wabuye waphila; yayilahlekile, yafunyanwa.
NgokukaLuka 15:25-32 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaLuka 15:25-32 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Kepha indodana yakhe endala yayisensimini; kuthe lapho isondela ngasekhaya, yezwa kuhlatshelelwa, futhi kusinwa. Yabiza enye yezinceku, yabuza ukuthi kwenzenjani. Yathi kuyo: ‘Kufike umnawakho, uyihlo wayesehlaba ithole elikhuluphalisiweyo, ngokuba ubuye wamthola esaphila.’ “Kepha indodana endala yathukuthela, yenqaba ukungena ekhaya. Uyise wayesephuma, wayincenga. Kepha yaphendula, yathi kuyise: ‘Bheka nje, iminyaka engaka ngikusebenzela; angizange ngiweqe umyalo wakho, kepha mina awukaze ungihlabise ngisho nezinyane lembuzi leli, ukuba ngithokoze nabangani bami. Kepha kuthe ukuba kufike le ndodana yakho ebhubhudle ifa lakho nezifebe, wayihlabisa ithole elikhuluphalisiweyo.’ “Wayesethi uyise kuyo: ‘Ndodana, wena uhlala nami njalo; konke okwami kungokwakho. Kepha kufanele sijabule, sithokoze, ngokuba umfowenu lo ubefile, manje useyaphila; ubelahlekile, kodwa usetholakele.’ ”
NgokukaLuka 15:25-32 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Kepha indodana yakhe enkulu yayisensimini; yathi iseza isondela endlini, yezwa ukuhlabelela nokusina. Yabiza omunye wabafana, yabuza ukuthi kwenze njani lokho. Wathi kuyo: ‘Kufike umfowenu; uyihlo wahlaba ithole elikhuluphalisiweyo, ngokuba ubuye wamthola ephilile.’ “Kepha yathukuthela, kayivumanga ukungena; uyise wayesephuma, wayincenga. Kodwa yaphendula, yathi kuyise: ‘Bheka, iminyaka engaka ngikukhonzile; angizange ngeqe umyalo wakho, kepha mina awuzange ungiphe nazinyane lembuzi ukuba ngijabule nabahlobo bami, kodwa kuthe ukuba ifike leyo ndodana yakho eqede imfuyo yakho nezifebe, wayihlabisa ithole elikhuluphalisiweyo.’ “Wayesethi kuyo: ‘Mntanami, wena uhlala nami njalo; konke okwami kungokwakho. Kepha simelwe ukujabula, sithokoze, ngokuba umfowenu lo wayefile, wabuye waphila; wayelahlekile, sewatholakala.’ ”