NgokukaLuka 14:1-24

NgokukaLuka 14:1-24 ZUL20

Kwathi ngesabatha uJesu waya endlini yomunye wabaFarisi oyisikhulu, eyokudla, bembheke ngeso lokhozi. Kwakukhona phambi kwakhe umuntu othile owayenesifo sokuvuvuka. UJesu wayesebuza kuzo izazimthetho nabaFarisi, wathi: “Kuvunyelwe yini ukuphilisa ngesabatha noma qha na?” Kepha bathula du. Wayesemthinta lowo muntu, wamphilisa, wammukisa. Wayesethi kubo: “Ngubani kini okungathi indodana yakhe noma inkabi yakhe ikhalakathele emgodini, angaphuthumi ayikhiphe, ngosuku lwesabatha na?” Bahluleka ukumphendula nakulokho. Wayesebalandisa abamenyiweyo umzekeliso, ebona beziqokela izihlalo eziphambili, wathi kubo: “Uma umenyiwe emshadweni, ungahlali esihlalweni esiphambili, hleze kukhona omkhulu kunawe ammemileyo. Bese eza kuwe onimemileyo, athi: ‘Dedela lona, kule ndawo ohleli kuyo’, bese wena uhamba uyohlala kwesingezansi, uphoxekile. Kepha uma umenyiwe, hamba uhlale endaweni engezansi, ukuze kuthi lapho efika okumemileyo, athi kuwe: ‘Mngani, yenyukela ngenhla;’ khona uyakuba nodumo phambi kwabo bonke abahlezi nawe esidlweni. Ngokuba bonke abaziphakamisayo bayakuthotshiswa; nozithobayo uyakuphakanyiswa.” Wayesethi kommemileyo: “Uma wenza isidlo sasemini noma sakusihlwa, ungamemi abangani bakho, abafowenu, umndeni wakini, nomakhelwane bakho abacebileyo, funa nabo babuye bakumeme, lokho kube ngumvuzo kuwe. Kepha uma wenza idili, mema abampofu, abakhubazekileyo, izinyonga, nezimpumputhe; uyakubusiswa, ngokuba abananto yokukubuyisela, kepha uyakuthola umvuzo ekuvukeni kwabalungileyo.” Esekuzwile lokho omunye wababehlezi naye esidlweni, wathi kuye: “Ubusisiwe lowo oyakudla isinkwa embusweni kaNkulunkulu.” Kepha uJesu wathi kuye: “Umuntu othile wenza isiphihli sedili, wamema abaningi, wayesethumela inceku yakhe ngesikhathi sedili, kulabo abamenyiwe, ukuyokuthi: ‘Wozani, ngokuba sekulungisiwe konke.’ “Kepha bonke ngothi lwabo, baqala ukuzilandulela, bebeka izaba; owokuqala wathi kuye: ‘Ngithenge insimu, kudingekile ukuba ngihambe ngiyoyibona; ngiyakucela, ngixolisele impela.’ “Omunye wathi: ‘Ngithenge amabhanqa ezinkabi eziyisihlanu, ngisayozihlola; ngiyakucela, ngixolisele impela.’ “Omunye wathi: ‘Ngisanda kuthatha umfazi, ngalokho-ke angiphumeleli ukuza.’ “Inceku isibuyile, yayibikela inkosi yayo ngalokho. Umninindlu wathukuthela, khona wayesethi encekwini yakhe: ‘Phuthuma, uye emigwaqweni nasemihubheni yomuzi; ungenise lapha abampofu, abakhubazekile, izimpumputhe, nezinyonga.’ “Yathi inceku: ‘Nkosi, sekwenziwe lokho obuyale ngakho, kepha isekhona indawo.’ “Inkosi yathi encekwini: ‘Phuma uye emigwaqweni nasezindleleni, ubanxenxe ukuba beze ukuze indlu yami igcwale phama.’ Ngokuba ngithi kini: akukho namunye kulabo abamenyiweyo oyakukuthi mbibi ukudla kwedili lami.”

Ividiyo ye- NgokukaLuka 14:1-24