NgokukaLuka 14:1-24
NgokukaLuka 14:1-24 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi ngesabatha engena endlini yomunye wabaphathi babaFarisi ukuba adle isinkwa, bona bamqaphela. Bheka, kwakukhona phambi kwakhe indoda ethile eyayinochoko. UJesu waphendula wakhuluma kuzo izazimthetho nabaFarisi, wathi: Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na? Basebethula. Wamthatha, wamphulukisa, wamkhulula; Wabaphendula wathi: “Ngumuphi kini ongathi imbongolo noma inkabi iwele emgodini, angayikhiphi masinyane ngosuku lwesabatha na? Abazange besamphendula ngalezo zinto. Wayesebatshela umfanekiso kwabamenyiweyo, ebona ukuthi babekhetha izindlu eziphambili; ethi kubo. Nxa umenywe ngumuntu emshadweni, ungahlali esigcawini; hlezi omunye ohloniphekayo kulawe abizwe nguye; beseza okumemileyo laye, athi kuwe: Khipha lo; bese uqala ukuhlala endaweni ephansi ngokunamahloni. Kodwa nxa umenyiwe, hamba uhlale endaweni esekucineni; ukuze kuthi nxa efika okumemileyo athi kuwe: Mngane, yenyukela enhla; Ngokuba yilowo nalowo oziphakamisayo uyakuthotshiswa; lalowo ozithobayo uzaphakanyiswa. Wayesethi nakumemileyo: “Nxa usenza isidlo sakusihlwa noma sakusihlwa, ungabizi abangane bakho, nabafowenu, noma izihlobo zakho, noma omakhelwane bakho abanothile; funa nabo babuye bakumeme, kube nembuyiselo kuwe. Kepha nxa wenza idili, mema abampofu, nezinyonga, nezinyonga, nezimpumputhe; Wena uyakubusiswa; ngokuba abanakukubuyisela, ngokuba uyakuvuzwa ekuvukeni kwabalungileyo. Kwathi omunye wababehlezi naye ekudleni esizwa lezizinto, wathi kuye: Ubusisiwe odla isinkwa embusweni kaNkulunkulu. Wasesithi kuye: Umuntu othile wenza idili elikhulu, wamema abanengi; Wathuma inceku yakhe ngesikhathi sokudla ukuba ithi kwabamenyiweyo: Wozani; ngoba konke sekulungile. Basebeqala ukuzilandulela bonke nganhliziyonye. Owokuqala wathi kuye: Ngithenge isiqephu sensimu, ngimelwe ukuyosibona; “Omunye wathi: ‘Ngithenge izinkabi ezingaba yisihlanu, ngisaya ukuzivivinya; ngicela ungixolele. Lomunye wathi: Ngithethe umfazi, ngakho ngingeze. Yafika leyo nceku, yabikela inkosi yayo lokho. Khona umninindlu wathukuthela, wathi encekwini yakhe: Phuma masinyane, uye emigwaqweni nasemigwaqweni yomuzi, ungenise lapha abampofu, nezilima, nezinyonga, nezimpumputhe. Inceku yasisithi: Nkosi, sekwenziwe njengokulaya kwakho, kodwa indawo isekhona. Yathi inkosi encekwini: ‘Phuma uye ezindleleni nasezintangweni, ubacindezele ukuba bangene, ukuze igcwale indlu yami. Ngoba ngithi kini: Kakho kulawomadoda abemenyiwe ozakuzwa ukudla kwami kwakusihlwa.
NgokukaLuka 14:1-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi ngesabatha uJesu waya endlini yomunye wabaFarisi oyisikhulu, eyokudla, bembheke ngeso lokhozi. Kwakukhona phambi kwakhe umuntu othile owayenesifo sokuvuvuka. UJesu wayesebuza kuzo izazimthetho nabaFarisi, wathi: “Kuvunyelwe yini ukuphilisa ngesabatha noma qha na?” Kepha bathula du. Wayesemthinta lowo muntu, wamphilisa, wammukisa. Wayesethi kubo: “Ngubani kini okungathi indodana yakhe noma inkabi yakhe ikhalakathele emgodini, angaphuthumi ayikhiphe, ngosuku lwesabatha na?” Bahluleka ukumphendula nakulokho. Wayesebalandisa abamenyiweyo umzekeliso, ebona beziqokela izihlalo eziphambili, wathi kubo: “Uma umenyiwe emshadweni, ungahlali esihlalweni esiphambili, hleze kukhona omkhulu kunawe ammemileyo. Bese eza kuwe onimemileyo, athi: ‘Dedela lona, kule ndawo ohleli kuyo’, bese wena uhamba uyohlala kwesingezansi, uphoxekile. Kepha uma umenyiwe, hamba uhlale endaweni engezansi, ukuze kuthi lapho efika okumemileyo, athi kuwe: ‘Mngani, yenyukela ngenhla;’ khona uyakuba nodumo phambi kwabo bonke abahlezi nawe esidlweni. Ngokuba bonke abaziphakamisayo bayakuthotshiswa; nozithobayo uyakuphakanyiswa.” Wayesethi kommemileyo: “Uma wenza isidlo sasemini noma sakusihlwa, ungamemi abangani bakho, abafowenu, umndeni wakini, nomakhelwane bakho abacebileyo, funa nabo babuye bakumeme, lokho kube ngumvuzo kuwe. Kepha uma wenza idili, mema abampofu, abakhubazekileyo, izinyonga, nezimpumputhe; uyakubusiswa, ngokuba abananto yokukubuyisela, kepha uyakuthola umvuzo ekuvukeni kwabalungileyo.” Esekuzwile lokho omunye wababehlezi naye esidlweni, wathi kuye: “Ubusisiwe lowo oyakudla isinkwa embusweni kaNkulunkulu.” Kepha uJesu wathi kuye: “Umuntu othile wenza isiphihli sedili, wamema abaningi, wayesethumela inceku yakhe ngesikhathi sedili, kulabo abamenyiwe, ukuyokuthi: ‘Wozani, ngokuba sekulungisiwe konke.’ “Kepha bonke ngothi lwabo, baqala ukuzilandulela, bebeka izaba; owokuqala wathi kuye: ‘Ngithenge insimu, kudingekile ukuba ngihambe ngiyoyibona; ngiyakucela, ngixolisele impela.’ “Omunye wathi: ‘Ngithenge amabhanqa ezinkabi eziyisihlanu, ngisayozihlola; ngiyakucela, ngixolisele impela.’ “Omunye wathi: ‘Ngisanda kuthatha umfazi, ngalokho-ke angiphumeleli ukuza.’ “Inceku isibuyile, yayibikela inkosi yayo ngalokho. Umninindlu wathukuthela, khona wayesethi encekwini yakhe: ‘Phuthuma, uye emigwaqweni nasemihubheni yomuzi; ungenise lapha abampofu, abakhubazekile, izimpumputhe, nezinyonga.’ “Yathi inceku: ‘Nkosi, sekwenziwe lokho obuyale ngakho, kepha isekhona indawo.’ “Inkosi yathi encekwini: ‘Phuma uye emigwaqweni nasezindleleni, ubanxenxe ukuba beze ukuze indlu yami igcwale phama.’ Ngokuba ngithi kini: akukho namunye kulabo abamenyiweyo oyakukuthi mbibi ukudla kwedili lami.”
NgokukaLuka 14:1-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ekungeneni kwakhe ngesabatha endlini yomunye waba yizikhulu kubaFarisi ukuba adle ukudla, bona uqobo babemqaphele. Bheka, kwavela phambi kwakhe umuntu othile owayenesifo samanzi. UJesu wathatha, wathi kuzo izazimthetho nabaFarisi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha noma qha?” Kepha bathula. Wayesemphatha, wamphulukisa, wammukisa. Wathi kubo: “Ngumuphi kini ongathi indodana noma inkabi iyele emgodini, angayikhiphi masinyane ngosuku lwesabatha, na?” Bahluleka ukuphendula kulokho. Wabalandisa abamenyiweyo umfanekiso, ebona ukuzikhethela kwabo izihlalo eziphambili, wathi kubo: “Nxa umenyiwe ngumuntu ukuya emshadweni, ungahlali esihlalweni esiphambili, funa ngabe ukhona omkhulu kunawe omenyiwe nguye, eze yena onimeme wena naye, athi: ‘Mdedele lo;’ khona uqale uhlale kwesisenzansi unamahloni. Kepha nxa umenyiwe, hamba uhlale endaweni esenzansi ukuba, nxa efika okumemileyo, athi kuwe: ‘Mhlobo, yenyukela enhla;’ khona uyakuba nodumo phambi kwabo bonke abahlezi nawe ekudleni. Ngokuba oziphakamisayo uzakuthotshiswa; nozithobayo uzakuphakanyiswa.” Wathi nakommemileyo: “Uma wenza isidlo sasemini noma esakusihlwa, ungabizi abahlobo bakho, nabafowenu, nomndeni wakho, nabakhelwane bakho abacebileyo, funa nabo babuye bakumeme, kube khona ukwenanana. Kepha uma wenza isidlo, mema abampofu, nezinyonga, nezimpumputhe; uyakubusiswa-ke, ngokuba bangekwenanisele; uyakwenaniselwa ekuvukeni kwabalungileyo.” Esezwile lokho omunye wababehlezi naye ekudleni, wathi kuye: “Ubusisiwe lowo oyakudla isinkwa embusweni kaNkulunkulu.” Kepha wathi kuye: “Umuntu othile wenza idili elikhulu, wamema abaningi. Ngesikhathi sedili wathuma inceku yakhe ukuba isho kwabamenyiweyo ukuthi: ‘Zanini, ngokuba sekulungisiwe konke.’ “Kepha bonke baqala ukuzilandulela ngazwi linye; owokuqala wathi kuye: ‘Ngithengile insimu, kuswelekile ukuba ngiye ngiyibone; ngiyakuncenga, mawungilandulele.’ “Omunye wathi: ‘Ngithengile izinkabi eziyishumi, sengiya ukuzilinga; ngiyakuncenga, mawungilandulele.’ “Omunye wathi: ‘Ngithathile umfazi, ngalokho ngingeze.’ “Isibuyile inceku yabika lokho enkosini yayo. Khona umninindlu wathukuthela, wathi encekwini yakhe: ‘Khawuleza, uye emigwaqweni nasemingcingweni yomuzi, ungenise lapha abampofu, nezilima, nezimpumputhe, nezinyonga.’ “Yathi inceku: ‘Nkosi, sekwenziwe ngokuyala kwakho; kepha isekhona indawo.’ “Yathi inkosi encekwini: ‘Phuma uye ezindleleni nasezintangweni, ubacindezele bangene ukuba igcwale indlu yami. Ngokuba ngithi kini: Ayikho neyodwa yalawo madoda abemenyiwe eyakulizwa idili lami.’ ”
NgokukaLuka 14:1-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)