Wayesethi nakuzo izixuku: “Uma nibona kukhuphuka ifu entshonalanga, nisheshe nithi: ‘Kuza isiphepho,’ kube njalo. Uma kuvunguza umoya weningizimu, nithi: ‘Lizakushisa likhiphe umkhovu etsheni,’ kube njalo nempela. Bazenzisi, niyakwazi ukubona okwenzeka emhlabeni nasesibhakabhakeni, pho kungani ningakwazi ukuqonda okwalesi sikhathi na? “Yini ningakwazi ukubona okufanele nikwenze na? Uma uhambisana nesitha sakho, niya kumehluleli, sincenge nisesendleleni, nibuyisane, funa nifike kumehluleli, umehluleli akwedlulisele ephoyiseni, bese iphoyisa likuphonsa ejele. Ngithi kuwe: awusoze waphuma ejele, uyoze ukhiphe ifadingi lokugcina.”
Funda NgokukaLuka 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 12:54-59
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo