UJesu wathatha wathi: “Umuntu othile wehla eJerusalema eya eJerikho; wazithela phezu kwezigcwelegcwele, zamhlubula izingubo, zamshaya, zahamba, zimshiya sekusele umndondo nje. Kwathi kungalindelekile, kwehla umphristi othile ngaleyo ndlela; kuthe lapho embona, wachezuka endleleni. Kanjalo nomLevi; kwathi uma efika kuleyo ndawo embona, wamgwema wedlula. Kepha umSamariya othile owayesendleleni, wazithela kuye; kuthe embona, wamhawukela; waya kuye, wambopha amanxeba, wathela amafutha newayini kuwo, wamgibelisa esilwaneni sakhe, wamusa endlini yezihambi, wamnakekela. Ngakusasa wakhipha odenariyu ababili, wabanika umninindlu yezihambi, wathi kuye: ‘Mnakekele, zonke izindleko ezenzekayo ngaphezu kwalokhu, ngiyakukukhokhela zona uma sengibuya.’
Funda NgokukaLuka 10
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 10:30-35
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo