ILevithikhusi 2

2
Umthetho Weminikelo Yokusanhlamvu
1 “ ‘Noma ngubani oletha umnikelo wokusanhlamvu kuSimakade, umnikelo kufanele ube ngowempuphu ecolisekileyo, athele amafutha kuwo, abeke nenhlaka kuwo. 2 Uyowuletha emadodaneni ka-Aroni angabaphristi. Ayocaphuna ngesandla impuphu ecolisekileyo, amafutha, nayo yonke inhlaka, umphristi uyokushisa kube nentuthu e-althare kube yisikhumbuzo, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade. 3 Okuseleyo emnikelweni wokusanhlamvu kuyakuba ngokuka-Aroni namadodana akhe, kuyingxenye yeminikelo yomlilo kaSimakade engcwelengcwele.
4“ ‘Uma unikela ngomnikelo wokusanhlamvu obhakwe kuhhavini, mawube ngowempuphu ecolisekileyo: amaqebelengwane angenamvubelo axovwe namafutha, noma amaweyifa angenamvubelo agcotshwe ngamafutha. 5Uma umnikelo wakho ungowokusanhlamvu okugazingwe ngomqengele akube ngowempuphu ecolisekileyo engenamvubelo exovwe namafutha. 6Wuhlephule ube yimvuthu bese uthela amafutha kuwo, kungumnikelo wokusanhlamvu. 7Uma umnikelo wakho ungowokusanhlamvu okugazingwe emcengezini, uyokwenziwa ngempuphu ecolisekileyo exovwe namafutha. 8Uyakunikela kuSimakade umnikelo wokusanhlamvu olungiswe ngalezi zindlela; uwunike umphristi, yena awuyise e-althare. 9 Umphristi uyothatha eyakhe ingxenye, kuthi okunye akushise kube nentuthu e-althare, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade. 10 Okusale emnikelweni wokusanhlamvu kuyokuba ngokuka-Aroni namadodana akhe; kungcwelengcwele eminikelweni yomlilo kaSimakade.
11 “ ‘Umnikelo wokusanhlamvu eninikela ngawo kuSimakade awuyukwenziwa ngokunemvubelo, ngokuba aniyukushisa imvubelo noju kube ngumnikelo womlilo kuSimakade. 12 Unganikela ngakho kuSimakade kube ngumnikelo wolibo, kodwa awuyukunikela ngakho e-althare kube yiphunga elimnandi. 13 Yonke iminikelo yakho yokusanhlamvu uboyiyolisa ngosawoti; ungawushiyi usawoti wesivumelwano sikaNkulunkulu wakho eminikelweni yakho yokusanhlamvu; yonke iminikelo yakho iyoba nosawoti.
14 “ ‘Uma uletha umnikelo wokusanhlamvu wolibo kuSimakade, uyonikela ngeminyani yamabele eshiswe ngomlilo, amabele abhuliweyo eminyani emisha, kube ngumnikelo wokusanhlamvu wolibo lwakho, 15uthele amafutha kuwo, ubeke inhlaka phezu kwawo; kungumnikelo wokusanhlamvu. 16 Umphristi ashise okuyisikhumbuzo sawo, ingxenye yokusanhlamvu okugquliweyo kwawo nengxenye yamafutha awo nayo yonke inhlaka yawo; kungumnikelo womlilo kuSimakade.

Okuqokiwe okwamanje:

ILevithikhusi 2: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume