ILevithikhusi 1

1
Umthetho Weminikelo Yokushiswa
1 USimakade wabiza uMose wakhuluma naye esethendeni lokuhlangana, wathi: 2 “Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Noma ngubani kini oletha umnikelo wemfuyo kuSimakade, uyoletha umnikelo awuthathe ezinkomeni noma ezimvini noma ezimbuzini.
3 “ ‘Uma umnikelo kungumnikelo wokushiswa othathwe ezinkomeni, uyonikela ngeduna elingenasici, uyoliletha emnyango wethende lokuhlangana ukuze emukeleke phambi kukaSimakade. 4 Uyobeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wokushiswa, uyokwamukelwa ngenxa yakhe, njengomnikelo wokubuyisana. 5 Iduna liyohlatshwa phambi kukaSimakade; amadodana ka-Aroni angabaphristi alethe igazi, alifafaze nxazonke ze-althare elingasekungeneni kwethende lokuhlangana. 6 Umnikelo wokushiswa uyohlinzwa, kukhishwe izitho zawo. 7 Bayowunika amadodana ka-Aroni, umphristi abeke amalahle avuthayo e-althare, bese ehlela izinkuni phezu kwawo. 8 Amadodana ka-Aroni angabaphristi ayohlela izitho: inhloko, namanoni phezu kwezinkuni ezisemlilweni e-althare, 9 ezangaphakathi namanqina ayokugeza ngamanzi, umphristi bese ekushisa konke kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.
10“ ‘Uma umnikelo wakhe ewuthathe emhlanjini wezimvu noma wezimbuzi, ukuba ube ngumnikelo wokushiswa, makanikele ngeduna elingenasici. 11 Uyolihlabela ngasohlangothini olusenyakatho lwe-althare phambi kukaSimakade, kuthi amadodana ka-Aroni angabaphristi afafaze igazi lalo nxazonke ze-althare. 12 Liyakukhishwa izitho, inhloko namanoni alo, umphristi akuhlele phezu kwezinkuni eziphezu kwe-althare, 13 kodwa ezangaphakathi namanqina kuyakugezwa ngamanzi. Umphristi akunikele konke, akushise kube nentuthu e-althare, kube ngumnikelo wokushiswa, ngumnikelo womlilo, kube yiphunga elimnandi kuSimakade.
14 “ ‘Uma umnikelo wakhe kuSimakade kungowezinyoni, uyakukhetha umnikelo wakhe phakathi kwamahobhe noma amaphuphu amajuba. 15 Umphristi uyakuwuletha e-althare, awushumpule inhloko, awushise kube nentuthu e-althare, akhamele igazi lawo ezinhlangothini ze-althare. 16Uyosusa ingingila nokuphakathi kuyo nezimpaphe zawo akuphonse ngasempumalanga ye-althare, endaweni yomlotha. 17 Uyakulidabula phakathi kwamaphiko, kodwa angalehlukanisi. Umphristi uyakulishisa e-althare phezu kwezinkuni ezisemlilweni, libe ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.

Okuqokiwe okwamanje:

ILevithikhusi 1: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo