ISililo 3:20-29

ISililo 3:20-29 ZUL20

Lapho ngicabanga ngalezi zinto, ngiyadideka. Noma kunjalo ngisazoqhubeka ngibe nethemba, uma ngicabanga ngoSimakade. Uthando lwakhe lungunakaphakade, ububele bakhe abunamukhawulo. Kusha nsuku zonke, ukwethembeka kwakhe kukhulu. Ngathi: “USimakade uyisabelo sami, ngakho-ke ngizokwethembela kuye.” USimakade muhle kulowo omlindelayo, kulowo omfunayo. Kuhle ukulindela ngokuthula ukusindisa kukaSimakade. Kuhle ukuba umuntu athwale ijoka esemusha. Makahlale yedwa, athule, ngokuba nguSimakade omethwese lona. Makabeke umlomo wakhe othulini, hleze lingakhona ithemba.

Funda ISililo 3

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne ISililo 3:20-29