IsiLilo 3:20-29
IsiLilo 3:20-29 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Umphefumulo wami usazikhumbula njalo uthobile phakathi kwami. Ngiyakukhumbula lokhu engqondweni yami, ngakho ngiyethemba. Kungenxa yobubele bukaJehova ukuthi asiqedwa, ngokuba ububele bakhe abupheli. Zintsha njalo ekuseni: kukhulu ukuthembeka kwakho. UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngalokho ngiyakwethemba kuye. UNkulunkulu unguJehova kwabamthembayo, umphefumulo omfunayo. Kuhle ukuthi umuntu alindele ukukhululwa kukaJehova, alinde ngokuthula. Kuhle kumuntu ukuthwala ijoka ebusheni bakhe. Uhlezi yedwa athule, ngoba uzithwalile. Ubeka umlomo wakhe othulini; uma kunjalo, kungaba khona ithemba.
IsiLilo 3:20-29 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lapho ngicabanga ngalezi zinto, ngiyadideka. Noma kunjalo ngisazoqhubeka ngibe nethemba, uma ngicabanga ngoSimakade. Uthando lwakhe lungunakaphakade, ububele bakhe abunamukhawulo. Kusha nsuku zonke, ukwethembeka kwakhe kukhulu. Ngathi: “USimakade uyisabelo sami, ngakho-ke ngizokwethembela kuye.” USimakade muhle kulowo omlindelayo, kulowo omfunayo. Kuhle ukulindela ngokuthula ukusindisa kukaSimakade. Kuhle ukuba umuntu athwale ijoka esemusha. Makahlale yedwa, athule, ngokuba nguSimakade omethwese lona. Makabeke umlomo wakhe othulini, hleze lingakhona ithemba.
IsiLilo 3:20-29 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Umphefumulo wami uyakukhumbula nokukukhumbula, uthobile phakathi kwami. Kepha yilokhu engiyakukubuyisela enhliziyweni yami, ngalokho nginethemba: ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe, ngokuba ububele bakhe abupheli. Busha ekuseni njalo; ukuthembeka kwakho kukhulu. UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngakho ngiyakwethemba kuye. UJehova muhle kwabamethembayo, kumphefumulo omfunayo. Kuhle ukumethemba nokulindela ngokuthula ukusindisa kukaJehova. Kuhle kumuntu ukuba athwale ijoka ebusheni bakhe. Makahlale yedwa, athule, lapho emthwesa lona. Makabeke umlomo wakhe othulini; mhlawumbe kungaba khona ithemba.