ISililo 3:18-24

ISililo 3:18-24 ZUL20

Ngase ngithi: “Angisakwazi ukubekezela; nethemba lami kuSimakade alisekho.” Uma ngikhumbula ukuhlupheka kwami nokuba ngumhambuma, kufana nenhlaba nenyongo. Lapho ngicabanga ngalezi zinto, ngiyadideka. Noma kunjalo ngisazoqhubeka ngibe nethemba, uma ngicabanga ngoSimakade. Uthando lwakhe lungunakaphakade, ububele bakhe abunamukhawulo. Kusha nsuku zonke, ukwethembeka kwakhe kukhulu. Ngathi: “USimakade uyisabelo sami, ngakho-ke ngizokwethembela kuye.”

Funda ISililo 3

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne ISililo 3:18-24