IsiLilo 3:18-24

IsiLilo 3:18-24 ZUL59

Ngathi: “Amandla ami nethemba lami kuJehova kuphelile.” Khumbula ukuhlupheka kwami nosizi lwami, umhlonyane nenyongo. Umphefumulo wami uyakukhumbula nokukukhumbula, uthobile phakathi kwami. Kepha yilokhu engiyakukubuyisela enhliziyweni yami, ngalokho nginethemba: ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe, ngokuba ububele bakhe abupheli. Busha ekuseni njalo; ukuthembeka kwakho kukhulu. UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngakho ngiyakwethemba kuye.

Funda IsiLilo 3

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IsiLilo 3:18-24