ISililo 1

1
Ukuhlupheka KweJerusalema
1 Maye! Waze wasala dengwane
umuzi obugcwele abantu!
Sewuphenduke umfelokazi
phakathi kwezizwe.
Owesifazane obehloniphekile
phakathi kwezifunda,
usephenduke isigqila.
2 Ebusuku ukhala kalusizi,
kugeleza izinyembezi ezihlathini;
akasekho omduduzayo,
phakathi kwezithandwa zakhe.
Bonke abangani bakhe abebemkhohlisa,
sebephenduke izitha zakhe.
3 UJuda usekuthunjweni,
ngenxa yokuhlupheka
nangenxa yobugqila obukhulu;
uhlala phakathi kwezizwe,
akakutholi ukuphumula.
Bonke abamxoshayo,
bamficile phakathi kobuhlungu.
4 Imigwaqo yaseZiyoni iyalila,
akusekho muntu osaya
emikhosini emisiweyo;
onke amasango akhona aseyincithakalo,
abaphristi bakhona bayabubula,
izintombi zakhona ziyahlupheka;
nalo linomunyu.
5 Abamelene nalo sebephenduke banjengamakhosi,
izitha zalo zinokuthula.
USimakade ulihluphile
ngenxa yobuningi beziphambeko zalo.
Izingane zalo sezihambile,
zisekuthunjweni, ebusweni besitha.
6 Bonke ubukhazikhazi sebuphelile
endodakazini iZiyoni;
izikhulu zakhona sezinjengezinyamazane
ezingafumani dlelo,
zihamba zingenamandla
phambi kwabazixoshayo.
7 IJerusalema ekuhluphekeni
nasekuzulazuleni kwalo,
liyazikhumbula zonke
izinto ezinhle elalinazo emandulo.
Lapho abantu balo
bewela esandleni sesitha,
akubanga bikho muntu owabasiza.
Isitha sabukela,
sababhinqa ngokuwa kwalo.
8 IJerusalema lone kakhulu,
ngakho-ke seliyisinengiso;
bonke abebelihlonipha sebeyaledelela,
ngokuba bebone ubunqunu balo;
nalo seliyabubula,
liphenduka libafulathela.
9 Ukungcola kwalo kusemphethweni wezingubo zalo,
alicabanganga ngomphumela wokona kwalo,
liwile ngendlela emangalisayo,
akekho ongaliduduza.
Bheka Simakade, ukuhlupheka kwami,
ngokuba isitha sinqobile.
10 Isitha selulele isandla saso
phezu kwakho konke okuthandekayo kwalo.
Impela libabonile abezizwe
bengena endaweni yalo engcwele;
labo owayala ukuba bangangeni
ebandleni lakho.
11 Bonke abantu bakhona
bayabubula, befuna isinkwa.
Bakhipha okuthandekayo kwabo
ngokuba befuna ukudla
ukuze basimamise umphefumulo.
Bheka, Simakade, ubone,
ngokuba sengiphenduke
into eyedelelwayo.
12 Akunithinti yini nina nonke
enedlula ngendlela na?
Bhekani nibone
ukuthi bukhona yini ubuhlungu
obunjengobuhlungu obehliselwe mina,
uSimakade angihluphekise ngabo
ngosuku lolaka lwakhe oluvuthayo.
13 “Uthumele umlilo wakhe ekweliphezulu,
wangena emathanjeni ami,
wawehlula;
unekele izinyawo zami inethi,
wangiqumba phansi;
ngalala amankeyane.
Ungishiye ngiyincithakalo,
ngiphelelwe ngamandla usuku lonke.
14 “Iziphambeko zami ziboshelwe ejokeni
ngesandla sakhe,
waziphica ndawonye
wazibeka entanyeni yami;
wanqinda namandla ami.
USimakade unginikele
ezandleni zalabo engingakwazi
ukumelana nabo.
15 “INkosi uSimakade iwalaxazile
onke amaqhawe ami,
ibize imbizo ukuze imelane nami;
ifihlize izinsizwa zami,
kuhle kwesikhamo sewayini
inyathele intombi eyindodakazi yakwaJuda.
16 “Ngenxa yalokho ngiyakhala,
ngikhihla isililo,
ngokuba akukho mduduzi
eduze nami
obezohlumelela umoya wami.
Abantwana bami bayincithakalo,
ngoba isitha singehlulile.”
17 IZiyoni lelula izandla zalo,
akukho noliduduzayo.
USimakade uyalile ngoJakobe
ukuthi labo abamzungezile
bayoba yizitha zakhe.
IJerusalema seliphenduke
isinengiso phakathi kwabo.
18 “USimakade ungijezise ngokufanele,
ngokuba angililalelanga izwi lakhe.
Lalelani bantu,
bukani nibone ubuhlungu bami.
Izintombi nezinsizwa zami
zihambile, zisekuthunjiweni.
19 “Izithandwa zami ngazibiza,
zona zangikhohlisa.
Abaphristi namalunga ami
bafele emzini,
bezama ukufuna ukudla
ukuze basimamise ukuphila kwabo.
20 “Bheka, Simakade,
ngokuba ngilusizi,
kuphethuka izibilini.
Inhliziyo yami iyayaluza ngaphakathi,
ngokuba ngihlubuke kakhulu.
Ngaphandle inkemba idla lubi;
endlini ngukufa kodwa.
21 “Bangizwile ngibubula,
kepha akekho ongiduduzile.
Zonke izitha zami
zizwile ngosizi lwami,
zajabula ukuthi nguwe ongenze nje.
Lwenze lufike lolo suku
owamemezela ngalo,
zenze nazo zifane nami.
22 “Bonke ububi bazo
mabufinyelele ebusweni bakho,
nakuzo yenza njengoba wenze kimi,
ngenxa yazo zonke iziphambeko zami,
ngokuba kukhulu ukububula kwami;
idangele nenhliziyo yami.”

Okuqokiwe okwamanje:

ISililo 1: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume